EzakamuvaIbhola

Uzogcinwa uKhune kwiChiefs, kodwa kunombandela

Sekuvele ukuthi unozinti, u-Itumeleng Khune uzohlala kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo.

Ikusasa likaKhune lingezinye zezihloko eziphambili ebholeni lakuleli muva nje kulandela ukuthi ‘ehlonishwe yileli qembu ngempelasonto’.

Kube nokudideka ngokuthi ngabe ubongwa ngoba esewabeka ethala amagilavu akhe noma useyashiya yini kuMakhosi. 

Esitatimendeni, iqembu lithe limbonga ngeminyaka engu-25 esebenzela leli qembu laseNaturena ngokuthembeka. 

Kodwa indlela okwenzeke isigubhukane ngayo ishiye imibuzo engaphenduleki, namahlebezi okuthi useyayeka ukudlala.

Uvele ke uKhune useqalile ukwenza izifundo zokucija onozinti kanti kubhekwe angene ezonhlakeni zokuthuthukisa onozinti kuleli qembu.

Ngokubika kwePhakaaathi ngoMsombuluko, iChiefs ifuna ahlale uKhune kodwa enze omunye umsebenzi, engabe esadlala.

“Usihlalo uKaizer Motaung unendawo ekhethekile kaKhune enhliziyweni yakhe njengoba elisebenzele kahle iqembu kule minyaka edlule,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Akafisi ukubona lonke lolu lwazi uKhune aluqoqile eminyakeni lusuka eqenjini ngakho kudingidwa eyokuthi aqhubeke kodwa komunye umsebenzi. 

“Okunye wukuthi uKhune yena ubefisa ukudlala okungenani isizini eyodwa, kodwa uyakuhlonipha nokushiwo yiqembu.

“Ngiyyacabanga iqembu lizomemezela okuzokwenzeka ngaye uma kuphela isizini.” UKhune unqobe izicoco ezintathu zeligi nezindebe eziyisishigalolunye eminyakeni engu-20 edlala eqenjini elikhulu kwiChiefs. 

Wayekhona futhi nguye owavimba kuyo yonke imidlalo yeBafana Bafana ngeNdebe yoMhlaba ka-2010.