EzakamuvaIbhola

OweGalaxy uthi baphenya ibheshu kuMokwena

Ukufaka uRulani Mokwena enkantolo, okwenziwe yiTS Galaxy, kuyindlela yaleli qembu yindlela yalo yokuphenya ibheshu kulo mqeqeshi, kubone izwe lonke ukuthi unhloboni yomuntu.

Lokhu kushiwo umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic uma ebuzwa ngesinyathelo sabo sokuyobopha uMokwena ngezinsolo zokuthi wabahlambalaza.

Leli qembu laseMpumalanga lithi uMokwena wahubhuza aluhlaza cwe amanga kubuka izwe lonke ngo-Ephreli 29. 

Ngemuva komdlalo walamaqembu, uMokwena wasola uRamovic ngokuthi wayalela abadlali bakhe ukuthi baziphindiselele kuBongani Zungu. 

Yayivele ke ingazwene phakathi kukaMokwena noRamovic kusukela emidlalweni edlule la labaqeqeshi bajikijelana ngamazwi angemahle.

Kodwa kulokhu akusho emdlalweni wango-Ephreli, ngathi lahlaba lephukela kwiTS Galaxy njengoba isimfake enkantolo nje.

“Sifuna ukukhombisa wonke umuntu ukuthi (uRulani Mokwena) unamanga, futhi wayesenga ezimithiyo ngakusho.

“Lokhu kumayelana nendlela yokuziphatha neqiniso… Yileyo mina indlela engakhuliswa ngayo,” kusho uRamovic kuleli viki.

Ubekhuluma ngemuva komdlalo walamaqembu obenezigigaba ezimandazayo ngoLwesibili esbuku. Uphele zibambene ngo 1-1.” 

“Wqamba amanga ngoParker waphinde waqamba amanga ngo(Hugo) Broos, waphine wahubhuza olukabhejane ngami… 

“Mina ke wabuye wangisabisa. Wangifonela wash izinto eziningi ezingezinhle futhi kwesengikuzwile ngaye, angazi noma kuyiqiniso yini, waklinya umfana wesikole.

“Uyileyo nhlobo yomuntu,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eSerbia kodwa onobuzwe baseGermany.

Uma ebuzisiswa ngokubopha kwabo uMokwena, lo mqeqehsi oneminyaka engu-45 uqhubekile nokugadla kuMokwena. 

“Izinseko zisobala, futhi awukwazi ukuvele uthi, ‘kulungile, anginendaba nokuthi uqambe amanga’ bese ushiya kanjalo. 

“Kuzokwenzakalani ngokulandelayo? Kuzokwenzekani uma ethi kukhona othile owebile? 

“Amanga, amanga nje noma ngabe mancane noma ngabe makhulu. Kodwa ngathi vele umkhuba wakhe ukuqamba amanga. 

“Ngakho sifuna ukukuveza ukuthi waqamba amanga. Sifuna ukumfundisa isifundo ngoba kuyihlazo ukuthi umqeqeshi ofana naye, osebenza esikhungweni esihlonipheke ngengeSundowns uqamba amanga.”