EzakamuvaIbhola

UShabba uveza umehluko ngoMofokeng nabeChiefs

Ukukhula kukaRelebohile Mofokeng kwi-Orlando Pirates sekuphinde kwavusa izinkulumo ngokunganikwa kwabadlali abasebancane ithuba emaqenjini amakhulu. 

URelebohile Mofokeng ungene eqenjini elikhulu kwiPirates ngesizini edlule, kodwa ebelokhu evela aphinde anyamalale eqenjini eliqala imidlalo. 

Kodwa kule sizini lo mdlali oneminyaka engu-19 ungomunye wabaqala cishe yonke imidlalo futhi ugila izimanga.

Ozakwabo kwamanye amaqembu amakhulu, ikakhulukazi kwiChiefs, babukeka besindwa yijezi uma benikwe ithuba ngoba abaveleli.

Manje uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, uthi yindawo akuyo eyenza uMofokeng akwazi ukudlala ngokuzethemba. 

“Ukuxoxa kubaluleke kakhulu kubadlali abasebancane,” kusho uTshabalala engxoxweni yakhe nabe-iDiski Times

“Ngizokwenza izibonelo, uMofokeng udlala kahle, udlala njalo, uyalithola ijezi, okuyinto enhle…

“Yinhle nasebholeni lakuleli. Futhi kubukeka sengathi indawo akuyo uyalulekwa, la kunabamkhulisayo futhi abamvikelayo. 

“Futhi manje usefike ezingeni la engaphoswa noma kuphi. Uba ngcono ngokuthi udlale, ngeke uthuthuke uhlezi ebhentshini.”

UShabba uthi lokhu akwenzeki kwiChiefs, okwenza abadlali bakhona abasebancane bangathuthuki ngendlela efanele. 

“KwiChiefs kuthanda ukuba nzinyana manje ngenxa yesimo esikhona.

“Ngike ngasho phambilini, iChiefs ayinabo abadlali ababhedayo, wukuthi nje abahlangene njengeqembu. 

“Alukho uhlaka olucacile lokudlala. Kubukeka sengathi ukudlala kwabo kuncike ekutheni umdlali ngayedwana wenza kanjani. 

“Lokho ke kuba yinkinga kubadlali abasebancane uma benyuselwa eqenjini elikhulu ngoba bafikela eqenjini elingenzi kahle, elinganqobi. 

“Bafikela eqenjini elingaqondi ukuthi kumele kwenziweni ngakho nabo bagcina bedideka.

“Lokho kwenza ukuthi uma bedlala bathembele kwithalente labo kuphela, kungekho ukwesekeka ngokohlaka lokudlala lweqembu. 

“Bafikela esimweni esingelula, esinengcindezi enkulu nokugxekwa okwedlulele.

“Yilapho ke kufuneka khona ozobakhulisa, kumele kube nokuxoxa okukhulu ukubalungiselela, ukuze bangavuvukalelwa amakhanda (uma benze kahle).

“Kuyadinga nokuthi baziswe ukuthi bangabadlali abakahle nokuthi bengagcina beyinto enkulu ebholeni.”