EzakamuvaIbhola

URamovic ulokhu emoyizelela iChiefs, ufisa imshele?

Njengoba iKaizer Chiefs isemkhankasweni wokufuna umqeqeshi, ukhona osevele waziveza ukuthi yena engagxuma ahlale izithonto uma nje ingadlalela ngakuye.

Lowo nguSead Ramovic ongumqeqeshi weTS Galaxy njengamanje osekuveze kaningana ukuthi uyayithanda iChiefs. 

IChiefs isemkhankasweni wokuthola umqeqeshi ozothatha umsebenzi kuCavin Johnson obebambile kule sizini kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki.

Ekhuluma noRobert Marawa kuleli viki, uRamovic uphinde wancoma iChiefs ngokuthi iyikilabhu ‘enhle’.

“Ngingumqeqeshi wale kilabhu enhle iTS Galaxy. Ngijabule ngokuphelele ngkuba lapha,” kusho lo mqeqeshi. 

“Sonke siyazi ukuthi iKaizer Chiefs iyikilabhu emangalisayo, cishe yiyona ikilabhu enhle kunawo wonke eNingizimu Afrika.

“Kodwa lokho akukujiki ukuthi ngijabule la ngikhona njengamanje,” kwengeza uRamovic owayengunozinti ngezikhathi zakhe. 

Ekupheleni kwale sizini, uzobe esesalelelwe wunyaka owodwa kwinkontileka yakhe neTS Galaxy.

“Ngiyazi kumele ngigxile ekilabhini yethu ukuze ngiphucule iqembu ngaphezu kwalokhu osekwenzekile.

“Enye nenye yinto yekusasa. Imanje yiyona into ebaluleke kakhulu,” kugcizelela yena. 

Nasemavikini ambalwa edlule uRamovic wayincoma iChiefs, wathi inabalandeli abamangalisayo. 

“Ngicabanga ukuthi ngokuzayo (iChiefs) izokwenza izinto ngendlela engcono. 

“Iyikilabhu esezingeni eliphezulu enabalandeli abahle kakhulu,” washo kanje lo mqeqeshi. 

Usihlalo weGalaxy, uTim Sukazi yena usanda kuveza ukuthi akukho asekuzwile kuvela kwiChiefs ngokufuna lo mqeqeshi wakhe.