USukazi nobekungaziwa ngokuqashwa kukaMokwena kwiDowns
Usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi usedalule ukuthi nguye owacelela uRulani Mokwena umsebenzi kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi uMokwena esaqeqesha iqembu labo lika-Under 19.
Phezu kwalokhu, kunengxabano eqhubekayo phakathi kweTS Galaxy noMokwena futhi kumanje kunecala elisenkantolo.
Le ngxabano yakamuva iyingxenye yombango oqhubekayo phakathi komqeqeshi weGalaxy uSead Ramovic noMokwena.
Leli qembu elizinze eMpumalanga selifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseGoli kulandela ukuphawula kukaMokwena ngemuva komdlalo walamaqembu weDStv Premiership ngo-Ephreli 29.
UMokwena wathi u-Orebotse Mongae weGalaxy umlimaze ngamabomu uBongani Zungu weSundowns ngoba eziphindiselela.
UZungu wayelimaze kabuhlungu uBernard Parker emdlalweni walamaqembu wango-Okthoba nyakenye.
Engxoxweni abe nayo no-Andile Ncube ohlelweni iSports Night Amplified kwiMetro FM, uSukazi ugcizelele inhlonipho anayo ngoMokwena.
USukazi uchaze isinqumo sokuthatha izinyathelo zomthetho ngokuthi besidingeka ukuze kuvikelwe isithunzi se-TS Galaxy nomthelela omubi wokuphawula kukaMokwena.
“Ukuhlangana kwami kokuqala noRulani kwakungo-2012 noma lapho nje,” kusho lesi sikhulu.
“Wayengumqeqeshi weqembu lika-Under 19 leSundowns kwiBayhill Tournament eKapa.
“Ngabona iqembu lakhe lidlala, ngahlangana naye ngakusasa… Ngakuthanda akusho ngebhola.
“Ngabona umqeqeshi osemncane onethalente, ngabe sengiyazisa iSundowns ngalokhu.
“Ngangisebenzisana neSundowns njengommeli wayo isikhathi eside ngiphinde ngibe nabadlali njengoba ngangiyimemenja yabadlali.
“Ngayazisa ukuthi kunomqeqeshi osemncane engimbone eKapa nokuthi kumele bake bambhekisise.
“Ukuthi yilokho okwenza anyuselwe eqenjini elikhulu noma cha, angazi futhi akubalulekile.
“Namanje ngisacabanga ukuthi ungumqeqeshi osezingeni eliphakeme kakhulu kwesesike sabakhiqiza kuleli.
“Kodwa mina ngokwami, neTS Galaxy sinezinseko futhi senza okufanele ngaso sonke isikhathi,” kwengeza uSukazi.
“Sinento esentsha esizama ukuyiletha ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngeke ke ngivume kube khona umuntu ozohlambalaza ngoma angcolise igama lalento esiyakhayo.
“Siyakhela phezu kwezinseko zobuntu, nelungelo lokuba ngofisa ukuba yikho bese wenza okusemandleni ngaso sonke isikhathi.
“La one khona, ngokwami yila akhulume ngalento (yokulimala kukaZungu).
FUNDA NALA: IZinyoni zingase zifake iThwihli Thwahla kwalasha
“Asilona iqembu elinodlame. Ngeke sivumele muntu asebenzise udlame kithi.”