EzakamuvaIbhola

UThulani Serero ukhonjwa kwelikaPitso Mosimane e-UAE

Njabulo Shezi

Owayengumdlali weBafana Bafana uThulani Serero kungenzeka aphinde asebenze nowayengumqeqeshi wakhe uPitso Mosimane uma kuwukuthi amahlebezi akhona ayiqiniso. 

UThulani Serero usevele uzakhele igama futhi uyahlonishwa e-United Arab Emirates (UAE) njengoba eseqokwe kwaze kwakathathu emklomelweni wokuba ngumdlali wangaphandle ovelele e-UAE. 

Kodwa njengamanje akanaqembu njengoba eqede ubudlelwane bakhe ne-Al Jazira edlala kwiPro League khona e-UAE. Ubeyusihlabani futhi engaconsi phansi kubalandeli baleli qembu. 

Futhi manje njengoba selimdedele leli qembu uThulani Serero usemataniswe  namaqembu amaningi okukhona kuwo iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns kuleli. 

Kodwa yi-Al Wahda osekuvele ukuthi iphambili emjahweni wokusayinisa lo mdlali oneminyaka engu-33 onebhola elihle.

I-Al Wahda isanda kwethula uPitso Mosimane wakuleli njengomqeqeshi walo, futhi sekuvela ukuthi uSerero ngomunye wabadlali abafisayo.

USerero wadlala ngaphansi kukaMosimane ngesikhathi esacija iBafana Bafana. Usanda kusho ke naye uPitso ukuthi ufisa abadlali bakuleli beze kulamaligi afana neyaseSaudi Arabia ngoba imali yinhle. 

“Ngizwe ngathi uThulani Serero ngomunye wabadlali uPitso abafunayo kuleli qembu. Nawe uyazi ke uPitso uyiqaphela kanjani eyohlobo lwabadlali abafunayo,” kusho umthombo.  

Lo mthombo uthe kungenzeka uSerero kungabi nguyena yedwa umdlali wakuleli uPitso amlandayo njengoba esekwi-Al Wahda nje. 

Uthe okwamanje awukabi nawo amagama kodwa khona usewuzwile umoyana wokuthi bakhona angase azozama ukubalanda.

Kodwa ke cishe ngeke kube ngabeMamelodi Sundowns kwazise ubudlelwane bakhe nalaba baqashi bakhe bakudala abusebuhle neze. 

FUNDA NALA: UTim Sukazi ucacisa eyokumataniswa nePirates kuka-Aubass

Kwaxatshwana ngesikhathi eshiya kuleli qembu eya kwi-Al Ahly e-Egypt. Kuze kube manje isahlala ibuye igadlane noma ibhuqane phakathi kwakhe nabeSundowns.