EzakamuvaIbhola

Owayedlala kwiChiefs umbona esanuka ubisi uMotaung Junior 

Ingwazi yakudala yeKaizer Chiefs, uDavid Kannemeyer, imbona esanuka ubisi uKaizer Motaung Junior, ukuthi angazimela njengeSporting Director kuleli qembu laseNaturena.

Ukhuluma kanjena nje uKannemeyer kubhekwe izinguquko ezinqala kuMakhosi njengoba sekusongwe isizini yeDStv Premiership ka-2023/2024.

Lena yisizini okungangabazeki ukuthi iChiefs ifuna ukuyikhohlwa ngokushesha, njengoba ishaye udaka yaze yacisho yageza ngalo.

Ngaphandle kokuqeda endaweni yeshumi kwilogi yeDStv Premiership, akukho okutheni okwenziwe yileli qembu laseNaturena isizini yonke.

Kuyihlazo elikhulu ukuthi leli qembu likwaze ukunqoba imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela kwengu-30, nokwenze lehluleka ukuhlanganisa amaphuzu angu-40.

UKannemeyer uyikhomba kubaphathi inkinga, ikakhulukazi uMotaung Junior ambona engakaqinelwa wukhakhayi.

“Akuhlelekile kwiKaizer Chiefs. Usiko lweqembu alusekho. Akukho ukuhlwaywa kwekhono,” kusho uKannemeyer kwiRadio2000.

“Iqembu lami lakudala lidinga ukuthi kushanelwe yonke indawo. Abadlali nabo kumele babhukule. Babukeka bengazi ukuthi yiliphi leli qembu abalidlalelayo.

“Izinkinga kwiChiefs ziqala le phezulu. Ngicabanga ukuthi iSporting Director (uMotaung Junior) idinga umlekeleli.

“Udinga umuntu olazi kahle ibhola njengoMuhsin Ertugral. Asibukeki njengeChiefs. ISporting Director ayinawo amava enele.”

IChiefs kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha ngenyanga ezayo. Ngaphezu kwalokho kubhekwe ukuthi idedele abadlali abathile.

Bekubambe uCavin Johnson emidlalweni engu-22 kodwa lo mqeqeshi uhlulekile ukuthola imiphumela. Kuzocaca maduze ngekusasa lakhe eNaturena.