UPeter Shalulile uveza okumsize ehlelwe yifomu
Ngokwezinga lakhe eliphezulu alikhombise phambilini, umgadli weMamelodi Sundowns uPeter Shalulile ube nesizini engajabulisi phambi kwamapali.
Lo mdlali odabuka eNamibia uqede iDStv Premiership enamagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-21.
UPeter Shalulile kulindeleke ukuthi ahole iSundowns emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup lapho izobhekana khona ne-Orlando Pirates eMbombela Stadium ngoMgqibelo.
Ebukeka engakhathazekile, uShalulile ukhulume nabezindaba esekomkhulu leqembu eChloorkop ngoLwesibili wadalula indlela ozakwabo abameseke ngayo ngesikhathi amagoli emphika.
“Ziningi izinto ebeziqhubeka nabezindaba bebebhala kodwa njengomgadli impilo angeke ihlale ihamba kahle,” kusho uShalulile.
“Kunezikhathi lapho izinto zingakuhambeli kahle, (okubalulekile) yindlela oziphakamisa ngayo nokwesekwa ozakwenu nomqeqeshi.
“Abazange bangilahle futhi njengomdlali uvele ubuyele emuva wenze izinto obuzenza phambilini.
“Ekugcineni kuqhamuke impumelelo futhi uyabona ukuthi sengiqalile ukubuyela efomini ngasekupheleni kwesizini okungelona uhlelo lwami kodwa wuhlelo lukaNkulunkulu.
“Ukwazi ukuthi kukhona abadlali abasezingeni eliphezulu kuhle ngoba kwenyusa ukuqhudelana.
“Ekupheleni kosuku, awufuni ukuthi kube nomuntu oyedwa oshaye amagoli amaningi.
“Udinga ukuphusha, wenze isiqiniseko sokuthi niyaqhudelana, kodwa njengoba nazi ukuthi ibhola liyindilinga futhi sizobona ukuthi ubani ozosebenzisa amathuba (ngoMgqibelo).”
OLUNYE UDABA: Owayedlala kwiChiefs umbona esanuka ubisi uMotaung Junior
Lo mdlali oneminyaka engu-30 usalele emuva kwabashaye amagoli amaningi, kanti uTshegofatso Mabasa uzothatha umklomelo woshaye amagoli amaningi njengoba eshaya amagoli angu-16.