Ezivela ekhempini yeKaizer Chiefs: ‘Sivivela impi’
Sbongs Gumbi
IKaizer Chiefs izophuma ekhempini yayo yokulungiselela isizini entsha isilungele ukulwela ukubuyisa isithunzi saleli qembu elake lahlonishwa ebholeni lakuleli.
Lokhu kushiwo abafana ababili abasebancane baleli qembu, oNkosingiphile Ngcobo no-Aiden McCarthy, abakhulume besekhempini yaleli qembu eMpumalanga.
Njengoba kuzoqala isizini entsha nje, ifu elimnyama leminyaka eyisishiyagalombili lingayitholi indebe lizolokhu lembozile kwiKaizer Chiefs.
Kuzobe kulindelwe lukhulu nakumqeqeshi osanda kuqokwa uMolefi Ntseki nabadlali bakhe ngesizini entsha.
Ingcindezi esemahlombe Amakhosi yenyuke kakhulu ngesikhathi izimbangi zawo ezinkulu, i-Orlando Pirates, zivuka zizithatha qede zawola izindebe ezimbili – iMTN8 neNedbank Cup – ngesizini edlule.
Lokhu kuholele ekutheni abalandeli beChiefs bafune izinguquko ethimbeni labaqeqeshi.
U-Arthur Zwane wagcina ehliselwa esikhundleni sokuba yiphini lomqeqeshi njengoba uNtseki ethathe izintambo zokuqeqesha.
Lolu shintsho aluzange lwemukelwe ngokuphelele ngabalandeli abangabaza irekhodi likaNtseki njengomqeqeshi njengoba engenawo amava.
Kodwa uNgcobo ukholwa wukuthi kulokhu abakwenzayo ekhempini bazophuma neqembu elikwaziyo ukubhekana nanoma yiyiphi inselelo ephambi kwalo.
“Ikhempu yokulungiselela isizini iyisikhathi sokuzilungiselela ngokomzimba nangokwamacebo okudlala… nangokwengqondo ngokunjalo.
“Ngakho-ke, siyazikhandla ukuqinisekisa ukuthi uma siphuma ekhempini sibe sesilungile. Futhi siyayazi impi esizobhekana nayo, futhi siyilungele,” kusho uNgcobo, oneminyaka engu-23.
“Kule sizini ezayo sesikulungele ukuthi sisebenzise lonke ulwazi esinikezwe lona ekhempini uma sesisenkundleni. Sikulungele ukulwela ibheji leqembu.”
Omunye umdlali osemncane kwiKaizer Chiefs, u-Aiden McCarthy uthe abakufunda ekhempini kubasiza ukuthi babe yiqembu elibumbene, elilungele ukulwa.
“Yikhempu yami yokuqala le yokulungiselela isizini neqembu elikhulu futhi akukholakali. Sifunda okuningi.
“Awukwazi ukufeza izinto uwedwa noma nimaqembu-qembu. Kufanele nezne yonke into ndawonye ngokubambisana njengeqembu elilodwa,” kusho lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-19.
FUNDA NALA: Bachithwa umthetho omusha eBotswana oRakhale, Skhwama noSangweni
“Kule khempu sifunda ukuthi singabumbana kanjani sibe yiqembu elilodwa ukuze sibhekane nezinselelo ngokubambisana,” kusho u-Aiden, oyindodana yowayengumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs nakwiBafana Bafana, uFabian McCarthy.