EzakamuvaIbhola

UZwane neseluleko kuPatrick Maswanganyi ‘ngomjiko’

Isihlabani seMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, seveze akutshela uzakwabo we-Orlando Pirates uPatrick Maswanganyi abadabuka naye eTembisa.

Laba bobabili bazotholana phezulu kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eMbombela Stadium.

UPatrick Maswanganyi uqokwe emkhakheni woMdlali oVelele kwiNedabank Cup emikomelweni yePremier Soccer League. 

Ungomunye wabane abaqokiwe. UZwane yena – nakuba enqobe isicoco seligi sesikhombisa kulandelana neSundowns – akaqokwanga kunoma yisiphi isigaba kule sizini.

Nokho, ukuqokwa kukaMshishi njengomdlali ovelele esizukulwaneni sakhe akungatshazwa, kodwa uTito usezakhele ugazi ebholeni laseNingizimu Afrika.

Abalandeli bePirates bayayithanda indlela adlala ngayo njengoba abuye afake isinongo somjiko, kuchwaze i-Orlando Stadium.

Ngaphambi komdlalo wamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo, uZwane uncome uPatrick Maswanganyi ngokuziveza ngale ndlela eveza lapho esuka khona. 

“UTito ungumdlali osezingeni eliphezulu, intwana yaseKasi,” kusho uMshini kwabezindaba muva nje.

“Mina ngokwami, ngijabule ngaye. Ngesikhathi ngigcina ukukhuluma naye, ngamtshela ukuthi uqhuba kahle. 

“Ulimele kahle kakhulu ikasi. Ngiyaziqhenya ngaye.”