EzakamuvaIbhola

OweSpurs akafune kuzwa lutho ngabadlali bakhe

Akafune qembu elizozidlisa satshanyana eduze nabadlali bakhe usihlalo weCape Town Spurs, u-Alexi Efsthathiou.

Into emcika kakhulu wukuthi amaqembu azoza ngomqondo wokuthi njengoba bedliwe yizembe laba badlali azobacosha ngamanani aphansi. 

Kodwa yena uthi bazimisele ukubagcina bonke, beyozama ngabo ukushaya ijika kwiMotsepe Foundation Championship.

I-Cape Town Spurs idliwe yizembe kwisizini yayo yokuqala ibuyile kwiDStv Premiership kulandela ukwehluleka ukuqoqa amaphuzu ngasekuqaleni kwesizini.

Ekhuluma nabeKickOff, u-Efsthathiou uthe ngisho kungafika iMamelodi Sundowns, ngeke avume ngoba ngeke ikhiphe imali efanayo neyikhiphela abaphesheya.

“Angicabangi ukuthi kwaSundowns ingabakhona,” kusho lesi sikhulu.

“Bafuna ukuthenga abokufika ngo-R40 kuya ku-R50-million kodwa abafuni ukukhokha uma bethenga abakuleli. Kungani? 

“Kodwa okwamanje, yithi ngisho kanje, baningi abafuna abadlali bethu. Angifuni ke ukusho ukuthi ibaphi ababafunayo. 

“Kodwa amaqembu akumele acabange azovele afike nje la athathe umdlali engathi akanankontileka.

“Uma ubheka u(Asanele) Velebhayi, intengo yakhe beyiya ngokunyuka ngomdlalo nomdlalo awudlalile… 

“No-Ashely Cupido, iningi labadlali bethu lithuthuke kakhulu,” kucacisa lesi sikhulu. 

Uphinde waveza ukuthi basazohlala phansi nomqeqeshi u-Ernst Middendorp, bahlonze okuzokwenzeka ngaye.