EzakamuvaIbhola

Kuvela okuxoshise uMngqithi kwiSundowns

SIHLE NGUBO 

Abaningi basazibuza namanje ukuthi kungani abaphathi beMamelodi Sundowns bekhethe ukumkhomba eza ngayo obengumqeqeshi weqembu uManqoba Mngqithi.

Lo mqeqeshi waKwaZulu-Natal ufakwe amasondo eChloorkop, indawo yakhe yathathwa uMiguel Cardoso odabuka ePortugal.

UMngqithi uhambe nobhululu wakhe uRomain Folz, noWendell Robinson obeqeqesha onozinti kwiSundowns.

Abasinde ezembeni uSteve Komphela, ozoba yiSenior Coach, noKennedy Mweene, ozoqeqesha onozinti. UCardoso ufike namaphini akhe amabili azosebenzisana nawo.

Ekhuluma ne-KickOff usihlalo weSundowns, uTlhopi Motsepe, uchazile ukuthi kungani bemxoshile uMngqithi balanda uCardoso nethimba lakhe labaqeqeshi.

“Sikhishwe kwiMTN8 saphinde saba nenkinga sibhekene nePolokwane City,” kusho uMotsepe.

“Kunemidlalo eminingi lapho besingawuboni khona umgqigqo futhi iqembu belingahambi ngale ndlela ebesifuna lihambe ngayo.

“Ngakho isinqumo sithathwe ngemuva kwezinto eziningi ezihlangene futhi bekumele sisithathe ngokukhulu ukushesha.”

Ukukhishwa kwiMTN8 yiStellenbosch FC kweSundowns kuhambisana ngokungadlaliswa kukaTeboho Mokoena noKhuliso Mudau ngaleso sikhathi.

UMngqithi wayexabene nalaba badlali futhi akakufihlanga ukuthi isenzo sabo yisona esenza ukuthi agcine ebabeke ngaphandle.

ISundowns ishaywe yiPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership okwakubhekwe ukuthi iwunqobe kalula. Kulowo mdlalo ayizange iphumelele ukushaya ibhola iliqondise emapalini.

Ukushaywa yiMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout nakho akubanga yinto eyayilindelwe kodwa uMotsepe uveze ukuthi lokho akubanga yisizathu sokuchithwa kukaMngqithi.

Emidlalweni yeCaf Champions League iSundowns isakwaze ukuqoqa amaphuzu amabili emidlalweni emibili. Nakanjani lokhu akubachazanga abaphathi beqembu, yize uMotsepe engakubalulanga kodwa njengesizathu sokuxosha uMngqithi.