Ujabhile umqeqeshi wePirates bekhishwa yiCasric kwiNedbank Cup
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ibe neviki elingelihle kunawo wonke selokhu kuqale isizini, kukhala isibhaxu emiqhudelwaneni emibili ehlukene.
EZimnyama ziqale zashaywa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Lokhu kwenze iPirates yehluleka ukuvula igebe esicongweni selogi yeBetway Premiership, iSundowns yalivala laba amaphuzu amathathu.
Ukushaywa kweBucs bekungalindelwe ngoba iye kulo mdlalo ishayela phezulu, kulandela ukunqoba imidlalo ilandelana.
NgoMgqibelo iBucs iliphethe ngendlela efanayo isonto iwashiswa ijezi yiCasric Stars, eyikhiphe kwiNedbank Cup Last 16, e-Orlando Amstel Arena, sekukhahlelwa amaphenathi.
IPirates bekulindelwe ukuthi idlule kalula kuleli qembu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship, kodwa yehluleka yancama ukuthola igoli.
Yize bezithengana emdlalweni, futhi iBucs ithole amathuba amaningi okushaya amagoli, kodwa umdlalo ugcine uphele ngo 0-0 emizuzwini engu-120.
Kuvele kwacaca ukuthi bekungelona usuku lweZimnyama njengoba iCasric Stars, yaseMpumalanga, inqobe ngo 5-4 kumaphenathi.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, ubedangele kakhulu ngokuphuma kwiNedbank Cup.
“Yinto ephoxa kakhulu kusihlwa nje ukuthi sikhishiwe emqhudelwaneni, into ebibalulekile kubadlali nabalandeli,” kusho lo mqeqeshi waseMorocco.
“Besifuna ukubaxina ngokushesha ngesiwombe sokuqala, sakhe amathuba.
“Ngebhadi kube yisimo esifanayo nesomdlalo odlule, kubalulekile ukuqikelela ikakhulukazi emidlalweni yomkhumulajezi.
Okuphawulekayo ngemidlalo emibili edlule, ukuthi iPirates igeje amathuba amaningi njengoba ikwaze ukushaya igoli elilodwa kuphela.
Lokhu kuzomele ikushintshe uma seyibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ntambama.
“Uma ugeja amathuba anje, njengoba kwenzekile ngesiwombe sokuqala, unika ukuzethemba iqembu osuke ubhekene nalo,” kuqhuba u-Ouaddou.
“Ngicabanga ukuthi bavimbe kahle kakhulu emuva, bawenza umsebenzi wabo.
“Sizamile ukwenza okungaphezulu ngesiwombe sesibili, sazama ukuyiketula iCasric, sakha amathuba…
“Ngokwami bekumele siqede ngomdlalo kudala kodwa kwaze kwafika isikhathi samaphenathi ebesizilungisele ngawo.
“Besazi ukuthi singase sifike kuwona kodwa kunjaloke, sishayiwe siyayibongela iCasric Stars, abadlali bayo nethimba labaqeqeshi.”
NgoMgqibelo bekuwusuku lokuphoxeka kwamaqembu abethenjiwe kwiNedbank Cup.
IMamelodi Sundowns nayo iphoxe abalandeli ishaywa yiTS Galaxy ngo 2-0 kwiLast 16 yeNedbank Cup, yaphuma kanjalo kulo mqhudelwano.
EThekwini iLamontville Golden Arrows iwashise ijezi iStellenbosch FC iyishaya ngo 1-0 kuyona iNedbank Cup.
elingelihle kunawo wonke selokhu kuqale isizini, kukhala isibhaxu emiqhudelwaneni emibili ehlukene.