Imenenja iveza okusha ngowoSuthu ohalelwa yiPirates
Sekuqinisekisiwe ukuthi i-Orlando Pirates ike yaba nesifiso sokusayina omunye wabadlali baMaZulu FC.
Lo mdlali uzophelelwa yinkontileka kuMaZulu njengoba kusongwa isizini nje kanti imenenja yakhe seyicacisile ngokuzokwenzeka.
Le menenja, uCharles Domingos, utshele abeFARPost ukuthi nebala iPirates ike yamthinta ifisa bakhulume ngoRiaan Hanamub.
IPirates beyinesifiso sokuqinisa ngalesi sitobha esidlala kwesokunxele esidabuka eNamibia.
“Impela iPirates ike yamfuna uRiaan esikhathi esidlule, futhi njengamanje akukho lutho (oluvela kuyo),” isho kanje le menenja.
I-Orlando Pirates beyimfuna kakhulu lo mdlali ngesikhathi ilinyalelwe u-Innocent Maela noPaseka Mako abadlala emuva kwesokunxele.
Kodwa umqeqeshi, uJose Riveiro wavele washintsha uDeon Hotto wamdlalisa kule ndawo.
Yize wake waqala wakhombisa ukuthi akayijwayele, enza amaphutha angenasidingo, kodwa usegcine eyijwayele.
Sekuze kwenzeke ukuthi noma ekhona uMaela kodwa uRiveiro aqale ngoHotto emuva kwesokunxele.
UDomingos uthe ngokokuma kwezinto njengamanje, uHanamub uzoqhubeka ahlale kuMaZulu ngoba asekuvezile ukuthi afisa ukuyelula inkontileka yakhe.
Usuthu belunombandela wokuyelula inkontileka yalo mdlali oneminyaka engu-29 uma lufisa ukumgcina.
“Sikhulumile nabo esikhathini esingangenyanga esidlule, bakuveza ukuthi bayafuna ukusebenzisa umbandela wokwelula inkontileka ngonyaka owodwa.”
FUNDA NALA: Uyaqhubeka nokuqhakaza uSiya Ngezana eRomania
Kodwa ke kusengenzeka iPirates ivele imthenge lo mdlali kuMaZulu uma ingamtholi omunye osemncane ozodlala kule ndawo ngesizini ezayo.