EzakamuvaIbhola

UHugo Broos ucacisa eyokusala kukaMabasa kwiBafana

Umqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos usechaze ngesinqumo sakhe sokushiya uTshegofatso Mabasa eqenjini lakhe elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ngenyanga ezayo.

Ukushiywa komdlali owine i-DStv Premiership Golden Boot eqenjini leBafana elizobhekana neNigeria neZimbabwe kube ngundabamlonyeni kusukela uBroos ememezele iqembu lakhe labadlali abangu-36 ekuqaleni kukaMeyi.

UMabasa uwine umklomelo womshayimagoli ohamba phambili ngemuva kokuhlohla amagoli angu-16 kwiPirates, washiya u-Iqraam Rayners weStellenbosch FC ngelilodwa. 

Ekhuluma ngesikhathi kumenyezelwa isikwati sokugcina ezindlini zokusakaza zeSABC Sport ngoLwesine, u-Broos uthe kube yisinqumo sokukhetha phakathi kukaMabasa noRayners.

URayners uqokwe ngoba wenze kahle emdlalweni weBafana ne-Algeria ngoMashi.

“Saba nesimo esingesihle ngoMabasa eminyakeni emibili edlule,” kusho uHugo Broos. 

“Kwadingeka ukuthi ngimshintshe ngemuva kwemizuzu engu-35, wonke umuntu wakubona kuyihlazo elibi lokho,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka eBelgium. 

“Kimina, angicabangi ukuthi kufanele ngimthathe manje ngoba nami ngino-Iqraam. 

“U-Iqraam uphinde washaya amagoli angu-15, umehluko wegoli elilodwa ngakho nginika u-Iqraam ukuzethemba njengamanje.”

“Kube yisimo sokukhetha phakathi kwakhe (uRayners) noMabasa. Kodwa u-Iqraam wenze kahle kakhulu emdlalweni ne-Algeria futhi ngimnika ukuzethemba manje.”

UHugo Broos uphinde waveza ukuthi umnyango awuvaliwe kuMabasa, wathi bazomqapha ngesizini ezayo mhlawumbe bamfake njengomunye umgadli eqenjini leBafana.

“Sizomlandela uMabasa nangesizini ezayo. Asethembe ukuthi uzoqhubeka nakwenzile, eshaya amagoli ezinyangeni ezine ezedlule. 

“Ngemuva kwalokho sizoba nomunye umgadli,” kuchaza uBroos.