OwoSuthu uxolisile umdlali wakhe elimaza owePirates
SIHLE NGUBO
Uxolisile kumdlali we-Orlando Pirates, uSihle Nduli, umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur “10111” Zwane, ngemuva komdlalo wala maqembu weBetway Premiership, eKings Park Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.
Lokhu kulandela ukuthi uNduli, obebuya ekulimaleni isikhathi eside, elinyazwe kabuhlungu uThandolwenkosi Ngwenya ongumgadli woSuthu.
UNgwenya uyena oshaye igoli lokulinganisa loSuthu kulo mdlalo ophele ngo 1-1.
I-Pirates ibihambe phambili ngomzuzu wesikhombisa ngegoli likaTshepang Moremi.
Indlela alimale ngayo uNduli kubukeka ezophinde ahlale isikhathi eside engadlali kwiBucs.
UZwane, owake wadlalela iKaizer Chiefs, uzwakalise ukuzwelana noNduli wamfisela ukuthi elulame ngokushesha.
“Ngimfisela ukwelulama okusheshayo uSihle Nduli. Ngibuhlungu kakhulu ngokubona umdlali onjengoNduli, obuya ekulimaleni, aphinde athole ukulimala akutholile,” kusho uZwane kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Kuyinto engingafisi nokuyibona ukuthi umdlali obuya ekulimaleni okunzima njengoNduli aphinde alimale ngale ndlela.
“Ngizocela uxolo ngikhulumela umdlali wami. Uma ngibheka lesiya simo, umdlali weqembu lami uNgwenya ubengenza kangcono kunendlela enze ngayo, akukuhle neze.
“Ngimfisela ukweluluma okusheshayo uNduli, asheshe impela abuyele enkundleni. Kubuhlungu impela ukubona umdlali onekhono njengaye ebhekana nalobu bunzima bokulimala kuze kulandelane kanje.”
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdislam Ouaddou, uthe wethemba ukuthi isimo sikaNduli asisibi kangakho kodwa uzozwa ngodokotela beqembu.
Kwenzeka lokhu nje bekusanda kuvela ukuthi uThalente Mbatha uzohlala isikhathi eside engadlali, kulandela ukuhlinzwa edolweni.
Usuthu seluqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili yokuqala yesizini entsha.
Emdlalweni olandelayo AmaZulu azobhekana neSiwelele FC, eKings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

