UMduduzi Mdantsane useqalile ukujima neChiefs
Njabulo Shezi
Yize iKaizer Chiefs ingakabethuli abadlali abasha futhi izamile ukubafihla, kodwa uMduduzi Mdantsane usebonakele eNaturena.
IChiefs izame konke ukubafihla abadlali bayo abasha engakabethuli ngokusemthethweni kubalandeli.
Ngesikhathi ifaka izithombe zeqembu libuya okokuqala eNaturna ngoLwesine olwedlule, iqinisekisile ukuthi abadlali abasha ababonakali nangephutha.
Kodwa ngoMsombuluko ifake izithombe zabadlali besejimini yaseNaturena bequkula izinsimbi benza nokunye okuqinisa umzimba.
Lokhu kuyingxenye yamalungiselo esizini entsha. Okwenza iChiefs ibafihle abadlali bayo abasha wukuthi ifuna ukubathula ngendlela efanele uma sebefike bonke.
Kodwa kwesinye sezithombe zabadlali besejimini uyabonakala uMduduzi Mdantsane osayinwe kwiCape Town City, nayo engakasho lutho ngaye.
Nokho abadlali beCity bavalelisa kulo mdlali ngemuva komdlalo wokugcina weDStv Premiership la ashaya khona igoli bebhekene nayo iChiefs eFNB Stadium ngoMeyi 20.
Indlela lesi sithombe esishuthwe ngayo ubefihlwa uMduduzi Mdantsane. Kodwa uma usisondeza eduze ubukisisa uyabonakala lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-29. Buka lesi sithombe ngezansi:
IChiefs kulindeleke yethule abadlali bayo abasha ngasekuqaleni kwenyanga uma seyiqede nangendaba yomqeqeshi.
Phakathi kwabadlali abazothulwa yileli qembu kukhona oGiven Msimango, Thatayaone Dithlokwe noRanga Chivaviro.
UMsimango usayinwe kwiTS Galaxy, uDithlokwe usuka kwiSuperSport United kanti uChivaviro ubekwiMarumo Gallants kodwa iChiefs imsayine kwiRichards Bay.
FUNDA NALA: Uzifakele ‘isichitho’ u-Nabi ngokukhuluma nabezindaba ngeChiefs?
No-Arthur Zwane, obecija leli qembu ngesizini edlule ubengakaveli kulezi zithombe ezifakwa yiqembu ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kungenxa yokuthi kunamahlebezi okuthi leli qembu likhuluma nabaqeqeshi abathile okukhona kubo noNasreddine Nabi obekwiYoung Africans yaseTanzania.
Kungenzeka ke ukuthi isizini iqale uZwane engaseyena umqeqeshi uma leli qembu ligcina limtholile omunye.