EzakamuvaIbhola

I-Brave Warriors igabe ngabe-PSL kweyeNdebe yoMhlaba

Umqeqeshi we-Brave Warriors – okuyiqembu lesizwe laseNamibia- uColin Benjamin, ufake abadlali abayisikhombisa abadlala kuleli eqenjini lakhe. 

Laba badlali bengeza kwabekade sebevele bekhona eqenjini elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.

UBenjamin uqale wadalula isikwati sabadlali abangu-52 ayezohlunga kubo emasontweni amabili edlule. 

Kodwa kwadingeka ukuthi anciphise abadlali kusale abangu-22 njengoba belungiselela imidlalo enzima yokuhlunga ngenyanga ezayo.

Ethimbeni elisuka kwiPSL kukhona uLloydt Kazapua (Chippa United), uRiaan Hanamub (AmaZulu), u-Edmar Kamatuka (Sekhukhune United), uDeon Hotto (Orlando Pirates), u-Approcius Petrus (Cape Town City), Betheul Muzeu (Black Leopards) nokaputeni uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns.

Bonke bayingxenye yesikwati esizodlala imidlalo olandelayo ezoba ngoJuni 5, nangoJuni 9.

UHotto noShalulile bona bazoqale babe yizitha emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama, eMbombela Stadium.

UShalulile uzobe ebheke ukusiza iSundowns inqobe indebe yayo yesibili kuleli kule sizini, kanti noHotto uzobe efisa ukwenza okufanayo kwiPirates.

ISundowns seyivele inendebe yeDStv Premiership esandleni, kanti iPirates yona igiya ngeMTM8.

I-Brave Warriors izobhekana neLiberia e-Orlando Stadium emdlalweni wokuqala ngoJuni 5, bese ilandelisa ngeTunisia kulo le nkundla.