Kuchazeke uKhoza iBanyana iqopha umlando kweyoMhlaba
Sihle Ngubo
Usihlalo wePSL u-Irvin Khoza usekhiphe isitatimende ebongela iBanyana Banyana kulandela ukuqopha kwayo umlando idlulela phambili kwiNdebe yoMhlaba.
IBanyana ishaye i-Italy ngo 3-2 emdlalweni wokugcina kaGroup G ngoLwesithathu ekuseni. UKhoza ukhiphe isitatimende ebesingalindelekile ebongela leli qembu.
“IBanyana Banyana iphendule umbuzo othi, ‘uwina kanjani unengcindezi futhi ubhekwe kangaka?’,” kusho uKhoza kulesi sitatimende asikhiphe komdlalo.
“impendulo idinga isibindi, kumele uhlale uqaphile ngaso sonke isikhathi. Ayikho indawo yokucasha, ukusebenza ngobuqotho yikhona kuphela okusizayo. Siyayibongela iBanyana.”
UKhoza uyibongela nje iBanyana inhlangano edlala ngaphansi kwayo iSafa ibingakasho lutho ngalo mlando oqoshwe yizintokazi zakuleli.
INingizimu Afrika ibiqala ngqa ukuwina umdlalo kwiNdebe yoMhlaba emlandweni wayo. Ingasaphathwa ke eyokuthi isishaye amagoli ayisithupha emidlalweni emithathu kulo mqhudelwano.
EzikaDesree Ellis bezidinga ukuwina kulo mdlalo nangempela zakwenza lokho. Ziwuqale ngebatha umdlalo idala iphenathi ebekwe phakathi uCaruso ngomzuzu ka-11.
Nokho iqembu lakuleli alidikibalanga, lalokhu liqhubekile nokucindezela befuna ukubuyela emdlalweni.
Ompetha base-Afrika bagcine bevune okuhle ngomzuzu ka-32 u-Orsi we-Italy elihlaba ngasekhaya kwaba ngu 1-1.
Lo mdlalo othathe imizuzu engu-105 ubushisa impela kungahlaluki ukuthi yiliphi iqembu ebelizodlulela phambili nalelo ebelizobamba indiza ebheke ekhaya.
Ngomzuzu ka-67 uHildah Magaia ubeke iBanyana ebuhleni eshaya igoli elenze kwaba ngu 2-1.
Ngaleso sikhathi iSweden ibishaya i-Argentina ngo 1-0 nobekuchaza ukuthi ziyakhanya izinto zeBanyana.
Nokho iqembu lakuleli liphinde layidedela i-Italy yashaya igoli ngomzuzu ka-74 nelize noCaruso.
Bese kubukeka sengathi kuphelile ngeBanyana ngesikhathi uThembi Kgatlane eshaya igoli lokuwina ngomzuzu ka-92.
Lo mgadli udlale kahle kakhulu ebambisene noMagaia emizuzwini yokugcina ukudlulisela iBanyana esigabeni somkhumulajezi la sekungenzeka noma yini.
INingizimu Afrika ibe yiqembu lika-12 ukuzibekisela indawo kwiLast 16.
FUNDA NALA: Izovusa ibhubesi ebelilele iMvelo Boxing
KuGroup G idlulele phambili neSweden egcine iwine ngo 2-0 kwi-Argentina nayo ebambe indiza ephindela ekhaya.