OwoSuthu akeneme ngokukhuhla ibhentshi nangomqeqeshi
Umdlali waMaZulu FC ongavamile ukudlala, ukhala ngokukhetha iphela emasini komqeqeshi, uPablo Franco Martin.
Lo mdlali Impempe enalo igama lakhe kodwa eligodlile, uthe ukungahambi kahle kwezinto kuSuthu kungenxa yokuthi lo mqeqeshi waseSpain akayazi into ayenzayo
Kuvele ukuthi baningi abadlali abangeneme kuMaZulu, asebecabanga ukuyofuna umsebenzi kwamanye amaqembu.
“Abathokozile abadlali boSuthu ngomqeqeshi, uPablo Franco Martín,” kusho umthombo ngalo mqeqeshi owaziwa ngoCijimpi.
“Ziningi izinto ezingahambi kahle kuleli qembu. Kunokwenzelela uma kukhethwa abadlali abazodlala.”
“Abanye abadlali sebecabanga nokushiya iqembu ngendlela okwenzeka ngayo. Umqeqeshi waMaZulu akakwazi ukuqeqesha.”
AmaZulu asonge isizini yeDStv Premiership ehleli endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-36. Emdlalweni wokugcina babebhekene neLamontville Golden Arrows lapho waphela eguqile AmaZulu ngo 3-1 eMoses Mabhida Stadium.
Lokhu kuchaza ukuthi Usuthu ngeke ludlale kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo. Empeleni alikho iqembu laKwaZulu-Natal eliqede kwiTop 8.
Kunalokho iRichards Bay FC ingazithola iyositha kwiMotsepe Foundation Championship uma ihluleka ukunqoba imidlalo yokuhlunga eqale ngeSonto.
Ngemuva kokubambana neKaizer Chiefs ngo 1-1 uPablo Martin wathi: “Inhloso yokuqala – ukuhlala kwiPremiership – sesiyifezile futhi sisenethuba lokungena kwiTop 8”.
Nokho iqembu aluphumelelanga ukungena kwiTop 8 njengoba lashaywa emdlalweni wokugcina.
