IPirates ihlukane nomqeqeshi osebuyela kubo
SIHLE NGUBO

Obengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uSergio Almenara, obeyiphini kuleli qembu, usehlukene neBucs ngokuvumelana nayo.
Lo mqeqeshi ubeyiphini kwiBucs kanti kuvela ukuthi ufake isicelo sokuthi uyashiya ekuqaleni konyaka.
Nokho kuvele ukuthi abaphathi beBucs bacela ukuthi ahlale kuze kuphele isizini ukuze umgqigqo weqembu ungaphazamiseki.
Ngesizini esanda kusongwa iPirates inqobe izindebe ezimbili, iMTN8, ekuqaleni kwesizini, neNedbank Cup ngempelasonto edlule.
Okuphawulekayo ukuthi kuyona yomibili le midlalo yamanqamu, iBucs ishaye iMamelodi Sundowns. Ngesikhathi inqoba iMTN8 umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, wezwakalisa ukungenami kakhulu.
“Angikadluli ezinhlungwini zokushaywa kwiCaf Champions League ngesizini edlule, nokuthi iqembu eliyinqobile salishaya,” kusho uMokwena ngoFebhuwari.
“Ukushaywa kwethu yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 kwasenza ukuthi silwe kakhulu kwi-AFL.
“Kwakungamele sishaywe yiPirates. UPeter Shalulile wayedlala nomlenze owodwa, uThapelo Maseko wayengekho, uLucas wayengekho kanti uMshishi (uThemba Zwane) wayedlala indawo angayijwayele.
“Kodwa ngiyayihalalisela iPirates, benza okungaphezulu ukuze banqobe. Kodwa uShalulile wazinikela ngakho, wasinika u-100%.”
Kuzohlaluka ingakaqali isizini ukuthi iPirates izoqasha elinye yini iphini likaJose Riviero. Elinye iphini elikhona uMandla Ncikazi.