Obedlala kwiChiefs usegcine ebuyele kwelakubo
SIHLE NGUBO
Obengumdlali weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, usegcine ebuyele ngakubo, wathola iqembu azolidlalela.
UKhama Billiat, obesehlale isikhathi eside engenalo iqembu, usayine kwiDynamos FC, edlala kwiZimbabwean Premier League (ZPL)
Lo mdlali, ofike kwiChiefs evela kwiMamelodi Sundowns kumasizini edlule, uhambe eNaturena ingasahoshelani kahle.
Kuvele ukuthi iChiefs ibifuna asayine inkontileka entsha, ekuqaleni kwesizini kodwa seyilehlisile iholo lakhe.
Nokho uKhama Billiat akayingenanga leyo kodwa wakhetha ukuhamba eNaturena ngaphandle kokuvalelisa.
Ngemuva kwalokho iChiefs ikhiphe isitatimende iveza ukuthi ayimazi ukuphi uKhama Billiat, ngaphambi kokuthi kuqale isizini k-2023/2024 yeDStv Premiership.
Akaphindanga wabuyela eNaturena kodwa awukho umbandela wenkontileka awephulile ngoba ibisivele iphelile ngoJuni nyakenye.
Uke wajima neSuperSport United kodwa wagcina eyekisiwe yizikhulu ngoba zithi ngeke asayinwe.
Nakhona ubencengelwa uzakwabo waseZimbabwe, u-Onismore Bhasera kumqeqeshi uGavin Hunt.
Uke wayozama nakwiZamalek yase-Egypt kodwa wafike wachithwa ngemuva kokuhlolisiswa kahle odokotela.
Esikhathini asihlalile kwiChiefs uBilliat ubethandwa ngabalandeli bayo, yize ebebuye ahlushwe ukulimala.
FUNDA NALA:Â UYaya ubhoboke ngobuhlungu bokuvinjwa efunwa aweBundesliga
Omunye okuvela ukuthi angase asayine kwiDynamos FC, uKudakwashe Mahachi, naye ongenalo iqembu.

