IBucs ilokhu iqhubeka nokufaka umshanelo ichitha engabadingi
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ikhombe indlela abadlali abane abebevele belizwa ngendaba ijezi ngesizini yeDStv Premiership, esanda kusongwa.
Labo badlali uRichard Ofori, uSiyabonga Mpontshane, uThabang Monare noKermit Erasmus. Kusaphele izinsuku ezimbalwa iBucs imemezele ukuthi isihlukene noFortune Makaringa, osheshe wazitholela ikhaya elisha kwiCape Town City.
“Njengoba isizini yebhola isisemaphethelweni, asiboni kuphela ukuphela kwayo kodwa siyavalelisa kwabanye babadlali bethu,” kusho isitatimende sePirates kwi-website yeqembu.
“I-Orlando Pirates ingakuqinisekisa ukuthi laba badlali (ibasho ngamagama bobane) bazosishiya uma sekuphela izinkontileka zabo ngoJuni 30.
“Siyabonga kakhulu ngakho konke laba badlali abakwenzele iqembu esikhathini ababe naso nathi.”
Bonke laba badlali kade bagcina ukugqoka imibala enokumnyama nokumhlophe, ngakho ukuchithwa kwabo kuyinto engamangazi kakhulu. Mhlawumbe umdlali ongazithola esayina eqenjini elisha ngokushesha uMonare, obeyingxenye yaBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari.
U-Ofori naye ubekhona kwi-Afcon kodwa wenze amaphutha aholele ekutheni iGhana isheshe ivalelise kulo mqhudelwano. Vele ubeye kwi-Afcon engasadlaliswa kwiPirates. KwiBucs kugiya uSipho Chaine ezintini futhi u-Ofori ubengasabi ngisho unozinti wesibili.