ISpurs ichaza okwenze yachitha uMazinyo
SIHLE NGUBO
Sekuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kweCape Town Spurs F.C. nobengumqeqeshi wayo u-Ernst Middendorp.
Leli qembu laseKapa likhiphe isitatimende esithi bavumelene nalo mqeqeshi waseGermany ukuthi bahlukane ngokuthula nangokushesha.
Kulesi sitatimende bekukhuluma isikhulu esiphezulu seSpurs, u-Alexi Efstathiou, obongile kuMazinyo, njengoba aziwa kanjalo ebholeni lakuleli.
“Egameni lebhodi neqembu sithanda ukudlulisa ukubonga ku-Ernst ngokuzinikela kwakhe kulezi zinyanga ezedlule,” kusho isitatimende.
“Umoya wokulwa awukhombisile emzuliswaneni wesibili neqembu lethu ubumangalisa kakhulu.
“Ngebhadi ngenxa yesimo semali kwiNFD iqembu alikwazanga ukuqhuba ubudlelwano.
“Akukho okungale kwalokho ngalesi sinqumo njengoba umqeqeshi ubefuna ukuhlala asize iqembu ukuthi libuyele kwiPremiership.”
UMiddendorp uthathe izintambo kwiSpurs ngemuva kokuxoshwa kukaShaun Bartlett obelinyusile lisuka kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngebhadi iqembu ligcine lidliwe yizembe ekupheleni kwesizini. ISpurs kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha kungakapheli isikhathi esingakanani.