Uncategorized

ISundowns ibe nesizini enhle kodwa yabuye yashumpuza

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns ibe nesizini enhle ngokunqoba isicoco seDStv Premiership kodwa kufanele ukuthi umqeqeshi wayo, uRulani Mokwena, kukhona okungamenelisi kahle.

Abafana Ba’Style bebenethuba lokunqoba ezinye izindebe kodwa kwagcina kungenzekanga konke lokho.

Ngempelasonto iSundowns ishaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMbombela Stadium.

Libe selishabalala kanjalo iphupho likaMokwena lokuqukula indebe yesithathu kule sizini osekuphelile ngayo.

Ngaphandle kwesicoco seDStv Premiership, iSundowns inqobe i-African Football League ebidlalelwa okokuqala e-Afrika. Nokho leli qembu lihlulwe yiCarling Cup Knockout, enqotshwe yiStellenbosch FC, yiMTN8 equkulwe yiPirates, neNedbank Cup, ehambe nayo iBucs.

Ngaphezu kwalokho ezikaRulani Mokwena ziphinde zakhishwa kowandulela owamanqamu weCaf Champions League nokuyinto eyenzekile nangonyaka odlule.

Mhlawumbe uMokwena usengaziduduza ngokuthi iqembu lakhe lizodlala kwiClub World Cup nonyaka, ngenxa yokufinyelela kowandulela owamanqamu weChampions League.

Ngaphandle kwalokho iSundowns, enobisi lwabadlali, bekubhekwe ukuthi inqobe enye indebe ngaphezu kwePremiership, eNingizimu Afrika. 

Abafana Ba’Style kubehlulile ukugcina irekhodi lokungashaywa kule sizini. Bavale ngokushaywa yiCape Town City, okuyilona lodwa iqembu elikwaze ukuthola amaphuzu aphelele libhekene neSundowns, ngesizini ka-2023/2024.

U-Lorch ‘ulimele’ ngeke awudlale owamanqamu