ISuperSport inyonyobela ‘umadala’ weSundowns
SIHLE NGUBO
ISuperSport United ihlela ukuvala isikhala sikaRicardo Goss ngokulanda ‘ikhehla’ leMamelodi Sundowns, uDenis Onyango.
Amatsatsantsa a Pitori abamba ayayeka njengoba uGoss, abemboleke kwiSundowns, ephindela kuyona. ISuperSport izosala noWashington Arubi noSamkelo Xulu, ongenawo amava.
Ngokubika kweFarPost iSuperSport igcwele izinkalo ifuna unozinti kodwa ibheke kakhulu ku-Onyango manje. Lo nozinti iyaphela inkontileka yakhe neSundowns ngoJuni 30 futhi ubengakaxoxi neqembu ngokuyivuselela.
Abafana Ba’Style basebenzisa kakhulu uRonwen Williams, ofike eqenjini ngoJulayi ka-2022. Usedlale imidlalo engu-84 kanti u-Onyango udlale eyisishiyagalolunye kuphela ngesizini esanda kuphela.
U-Onyango, oneminyaka engu-38, naye walandwa yiSundowns kwiSuperSport. Wayekuleli qembu lasePitoli phakathi kuka-2006 no-2010 ngesikhathi linqoba isicoco seligi kathathu kulandelana, ngaphansi kukaGavin Hunt.
“ISuperSport imatasa nokufuna unozinti. Phela iyazi ukuthi uRicardo Goss ubuyela kwiSundowns,” kusho umthombo weFarPost.
“Bafuna uDenis Onyango weSundowns. Bafisa azohola iqembu labo elinabadlali abasebancane. Ungumdlali omuhle onekhono futhi uyakwazi ukuba ngumholi.”
ISuperSport kuyavela nokuthi isibhekile isimo sika-Itumeleng Khune, naye ophelelwa yinkontileka kwiKaizer Chiefs ngokuphela kukaJuni.