Kungani iChelsea iqashe ‘ingane’ u-Enzo njengomqeqeshi?
U-Enzo Maresca uyena osengumqeqeshi omusha weChelsea njengoba engene ezicathulweni zikaMauricio Pochettino.
Lo mqeqeshi uzothatha izintambo eStamford Bridge ngemuva kwemidlalo engu-67 kuphela njengemenenja, emlandweni wakhe. Usaqeqeshe isizini eyodwa kuphela e-England, lapho ebehola khona iLeicester City kwiChampionship.
ILeicester inyukele kwi-English Premier League okwesihlanu emlandweni wayo. Kukho konke lokhu kunconywa amagalelo nobuhlakani buka-Enzo Maresca.
Kumangazile kakhulu ukuxoshwa kukaMauricio Pochettino kwiChelsea. Okucacayo nokho ukuthi ukuhluleka ukuqeda kwiTop 4, obekuzobekisela iqembu indawo kwi-UEFA Champions League, kube nomthelela kulesi sinqumo.
Umqeqeshi omusha usazobhekana nombandela ofana ncamashi kwiChelsea. Abaphathi baleli qembu abayingeni eyokungabi yingxenye yeChampions League.
U-Enzo Maresca useke wasebenza njengephini likaPep Guardiola kwiManchester City, kanti uke wayibamba njengomqeqeshi weqembu le-Under 21 kwiCityzens. Kuvela ukuthi isitayela sakhe siyefana nesikaPep ngakho kungalindelwa ibhola elihluke kakhulu kwiChelsea ngesizini ezayo.
Umbuzo owokuthi ngabe ukungabi namava atheni kuka-Enzo ngeke yini kumcindeze eqenjini elifana neChelsea, ezama ukubuyisa izinsuku zenjabulo eStamford Bridge.
U-Enzo Maresca noPep Guardiola