Ukuhamba kukaKanu kuphenye ibheshu kwavela izinqe kuKhenyeza
SIHLE NGUBO
ILamontville Golden Arrows iyiqale kahle isizini yeDStv Premiership, ngaphansi kwabaqeqeshi ababili, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi noMabhuti Khenyeza.
Indlela ebidlala kahle ngayo i-Arrows ibizithola ilokhu isendaweni yesibili neyesithathu kwilogi yeDStv Premiership.
Lokhu akungabazeki ukuthi bekumjabulisa kakhulu umphathi we-Arrows uMato Madlala.
Kuthe kungazelele muntu kwezwakala ukuthi uVusumuzi Vilakazi uyashiya kuBafana Bes’thende, ngoSepthemba 3.
Lokhu kushiye imibuzo eminingi ngoba iqembu belenza kahle, futhi bebukeka bebambisene abaqeqeshi.
Kube sekuqubuka izinsolo (ezingakaqinisekiswa namanje) zokuthi uVilakazi ubekhokhisa abadlali ukuze bathole isikimu eqenjini.
Ngaleso sikhathi i-Arrows ibithule sengathi umufi esebhokisini, ingayithi vu eyokuthi yini eyenze kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kwayo noVilakazi.
Ube esethushuka kwiChippa United lo mqeqeshi lapho enikwe isikhundla sokuphatha ezokuqeqesha.
Nokho akahlalanga kwiChilli Boys njengoba edlulele kwiRichards Bay, asengumqeqeshi kuyona ngemuva kokuhamba kukaKaitano Tembo.
Iyadunguzela nayo iNatal Rich Boyz kodwa likhona ithemba lokuthi izosinda ezembeni, uma kubhekwa ibhola abalidlale nePolokwane City bewina ngo 3-2 koweNedbank Cup Last 32.
Ngasohlangothini lwe-Arrows kubukeka kusale konakala kakhulu ngemuva kokuhamba kukaVilakazi.
Uke wayibamba kahle isikhashana uMabhuti Khenyeza waze wathola umklomelo womqeqeshi obaqwaqwade emakhanda bonke, kusanda kuhamba uVilakazi.
Ngemuva kokushaya iKaizer Chiefs ngo 2-1 ngo-Okthoba nyakenye, lo mqeqeshi ubezwakala enokuzethemba kakhulu uma ekhuluma.
Iqembu lihambe ibanga elide kwiBlack Label Knockout Cup, lapho likhishwe khona AmaZulu FC kwi-quarterfinal eMoses Mabhida Stadium ngoNovemba nyakenye.
Konke ke okuhle nge-Arrows kugcine lapho, kwase kushintsha izinto.
Abafana Bes’thende bakhale ngaphansi ngo 1-0 kwiSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership eMpumalanga Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Bese kungokweshumi kulandelana bethola isibhaxu ngaphandle kokudlala ngokulingana noma kungabalwa ukugingqela iMoroka Swallows ngoDisemba.
Lokhu kufaka enkulu ingcindezi kuMabhuti Khenyeza okungeke kumangaze uma engasuswa ekubeni umqeqeshi weqembu, njengoba lishaya umdanso ohlehlela emuva nje.
Ebuzwa ukuthi ubona inhlanhla isibahlamukile yini ngemuva komdlalo, uMabhuti Khenyeza uthe akaboni kanjalo.
“Angazi ukuthi kwenzekani kodwa engingakusho ukuthi inhlanhla ekanoma ubani,” kusho uMabhuti Khenyeza kwabezindaba.
“Okungiphathanisa ikhanda ukuthi akukona ukuthi iqembu alenzi kahle. Badlala kahle, bayawakha amathuba.
“Angicabangi ukuthi kumayelana nenhlanhla kodwa kumele bakubeke kubona ukwenza izinto zenzeke.”
Ukungawini imidlalo engaka ngabe kwehlise ukuzethemba kubadlali?
“Uma siziqeqesha abadlali benza okunye bese kufike usuku lomdlalo sibone okuhlukile,” kuchaza uMabhuti Khenyeza.
FUNDA NALA:Â Kwale kancane akhihle isililo uVan Heerden eqokwa kowovelele
“Bageja amathuba asobala. Angicabangi ukuthi kumayelana nokuzethemba ukukubeka kuwena ukwenza izinto.”

