Kuzohlale kunomsindo ngomklomelo womqeqeshi wesizini kwiPSL
SIHLE NGUBO
Indaba yomqeqeshi ovelele wesizini ihlale isusa umsindo njalo uma kunemiklomelo yePremier Soccer League (PSL) ekupheleni kwesizini.
Nakulokhu akukho okuhlukile njengoba seyigoqiwe yabekwa eceleni isizini ka-2023/2024 yeDStv Premiership.
Abalandeli sebeqalile bakhuluma ngomqeqeshi wesizini, ikakhulukazi njengoba kukhona igama likaRulani Mokwena, ocija iMamelodi Sundowns, noJose Riveiro, oqeqesha i-Orlando Pirates, kulabo abaqokelwe lo mklomelo. Omunye umqeqeshi okhona uSteve Barker weStellenbosch FC.
U-Ace Ncobo uke waphawula ngomklomelo weDStv Premiership Coach of the Season kwiFacebook nyakenye, ezama ukucacisa ukuthi kukhethwa umqeqeshi owenze kahle kuphi.
“Kubaqeqeshi kukhona umunxa owodwa, iDStv Premiership Coach of the Season,” kubhala uNcobo ozazi kahle izinto ezithinta iPSL.
“Lapha kujajwa kubhekiswe kwimiphumela yeDStv Premiership, hhayi omunye umqhudelwano. Ngakho uma ukhuluma ngalokhu ngicela ugxile emiqhudelwaneni othile okuyiwona lo mklomelo osuke ubhekiswe kuwona.”
Lokhu kuchaza ukuthi uMokwena uzohlale enethuba elingcono lokunqoba lo mklomelo uma iSundowns iqhubeka nokuzidlela amahlanga ngokunqoba isicoco seligi.
Omunye umlandeli (kwiFacebook) uke wabuza ukuthi uma lo mklomelo uthinta iDStv Premiership kuphela, kungani ungavele unikwe umqeqeshi onqobe isicoco seligi njengoba kwenzeka kumdlali osuke ehambe phambili ngamagoli.
Ngokwalo mlandeli akumfanele kufakwe abanye abaqeqeshi kulo mkhakha uma kungukuthi abenze kahle kweminye imiqhudelwano ngeke bawuwine.
URiveiro unqobe iMTN8 neNedbank Cup neZimnyama. Nokho lokhu akubalwa nhlobo uma kukhulunywa ngeDStv Premiership Coach of the Season.
Sekuke kwenzeka ukuthi umqeqeshi olale isibili kwilogi yeDStv Premiership akhale emuke nalo mklomelo. UBenni McCarthy uhambe nawo ngesizini ka-2020/2021 esaqeqesha AmaZulu FC, aqede isizini esendaweni yesibili.
Nokho ukukhuluma kuzohlale kukhona uma kunemiklomelo yePSL, ikakhulukazi lo othinta umqeqeshi wesizini.