UNabi wakha ukhonkolo odongeni lweChiefs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ibukeka izama ukuyixazulula inkinga yayo yokuvuza emuva ebiyihlasele kakhulu ngesizini edlule.
Amakhosi aqede isizini yeDStv Premiership esendaweni yeshumi kwilogi nokwenze ukuthi aphuthelwe yithuba lokudlala kwiMTN 8 eqhubekayo njengamanje.
Okuphawulekile ngeChiefs ngesizini edlule ukuthi ishaye amagoli amancane yase idedela amaningi. Lokhu kuyimoshe kakhulu njengoba ibike ihambe phambili kodwa igcine idlale ngokulingana.
IChiefs yethule ngokusemthethweni umdlali wasemuva u-Inacio Miguel ekuqaleni kwesonto. Lo mdlali ufika kwiChiefs kukhona uThatayaone Dithlokwe, uGiven Msimango, uReeve Frostler, uZitha Kwinika, u-Edmilson Dove noDillan Solomons.
Abanye abadlali asebesayine kwiChiefs unozinti uFiacre Ntwari, osuka kwiTS Galaxy, uRushwin Dortley (odlala emuva) obekwiCape Town Spurs, uBongani Sam (odlala emuva) osuka kwi-Orlando Pirates, noGaston Sirino obedlala kwiMamelodi Sundowns.
Kusobala ukuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi uzama ukwakha ukhonkolo emuva kuqala ngaphambi kokubheka phambili. IChiefs kubhekwe ukuthi izomtho yini umgadli oneminyaka engu-20, uClement Mzizi weYoung Africans. Kuvela ukuthi imbanga neWydad Athletic Club eqeqeshwa uRulani Mokwena.