Uncategorized

Inkakha igxeka ukungeneliseki kubalandeli beSundowns

SIHLE NGUBO

Inkakha yeMamelodi Sundowns, uBennet Mnguni, igxeka ukungeneliseki kubalandeli baleli qembu njengoba sekugoqwe isizini la-2023/2024.

Abalandeli abaningi baleli qembu laseChloorkop basale beqanganisa ngemuva kokuthi iSundowns ishaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMbombela Stadium, ngoMgqibelo.

Bekuyiwe kulo mdlalo abalandeli beSundowns belindele ukuqukula indebe yeNedbank Cup kodwa iPirates yathi akusoze kwenzeke lokho. Bese kungokwesibili iPirates ishaya iSundowns kowamanqamu ngesizini eyodwa.

IBucs iqale yaphoxa Abafana Ba’Style emdlalweni wamanqamu weMTN8, njengoba iyiphindile kwiNedbank Cup ngempelasonto.

Nokho uMnguni uthe akumele abalandeli bathathe ngokuhluthuka ngoba nakhu behlulwe kulo mdlalo.

“Abanye babalandeli bethu abayibuki njengoba ngiyibuka le nto. ISundowns ibe nesizini enzima, bahamba kakhulu, badlale nemidlalo eminingi,” kusho le nkakha kwiRadio2000.

“Manje ngemuva kokushaywa kanye nje abantu sebediniwe. Ake simyeke uRulani (Mokwena). Sidlale kahle sazuza okuningi.”

Abalandeli beSundowns babukeka bengenelisekile ngokunqoba isicoco seligi kuphela, yize beqophe umlando ngokusiqukula okwesikhombisa kulandelana.

“Ngokwami kube yisizini eyimpumelelo. Kumele sithi siyabonga kumqeqeshi,” kuqhuba uMnguni.

“Ngiyazi kwiSundowns ulindeleke ukuthi unqobe yonke into. Akubona bonke abazibekisela indawo kwiClub World Cup kodwa sikwenzile lokho.”

ISundowns ingelinye lamaqembu amane ase-Afrika azodlala kwiClub World Cup. Amanye yi-Al Ahly, yi-Esperance noWydad Casablanca.

“Umqeqeshi wenze kahle. Ukuthi nje kowamanqamu weNedbank Cup sinike iPirates isikhala esikhulu, futhi ngeke ukwazi ukunika iqembu elikhulu kanjalo isikhathi ebholeni.

“Kunzima ukuwina iligi, ngingasayibali yokucisho ungashaywa (isizini yonke). Ngicabanga ukuthi kumele sibeseke laba badlali.

“Ngebhadi abalandeli kulezi zinsuku sebaphenduka abaqeqeshi hhayi abathandi bebhola. Mina ngijabule. Asizame ukugxeka ngokwakhayo singabadikibalisi laba bafana.”