Ngabe umgolo yigciwane elibusa iSundowns?
SIHLE NGUBO
Ukusolwa ngokuba nomgolo nokusebenzisa imali kweMamelodi Sundowns, kuzohlale kuyinto okukhulunywa ngayo ebholeni laseNingizimu Afrika.
Kunabalandeli bebhola abakholwa wukuthi impumelelo yeSundowns incike ekutheni bonke abadlali abasuke benza kahle emaqenjini abo ibanunusela ngemali, ibathenge, ukuze lawo maqembu asale exega.
Le nkulumo ihlale iqhamuka njalo uma Abafana Ba’Style benqobe isicoco seDStv Premiership, okuyinto asebeyenze amahlandla ayisikhombisa kulandelana. Kuyimanje kunenqwaba yabadlali okumele babuyele kwiSundowns, abebebolekisiwe ngesizini ka-2023/2024.
Iningi labo lizophinde libolekiswe ngoba ukuthola isikimu kwiSundowns kufana nokufuna ukuyolobola ingane yeSilo, ube ubamba amatoho okumba imigodi emakhaya – akulula neze.
Labo abashaya amakhala ngezenzo zeDowns, baye bathi lokhu kubulala neqembu lesizwe iBafana Bafana ngoba abanye abadlali abanekhono bahlala isizini yonke bengadlali kuleli qembu.
Naba abadlali abazobuyela kwiSundowns njengoba sekuvaliwe isizini (esithombeni):
