Ezakamuva

UChirewa uyinhlansi yethemba kwelesizwe laseZimbabwe

SIHLE NGUBO

Yize iZimbabwe ishaywe yiNingizimu Afrika ngo 3-1 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, kodwa kukhona okuhle okuqaphelekile kuyona.

Kugqame umdlali weWolverhampton Wanderers, uTawanda Chirewa, obeyiphela endlebeni kubadlali basemuva beBafana Bafana.

Lo mdlali, oneminyaka engu-20, usheshe wazibonakalisa ukuthi uzoba wuhlupho kulo mdlalo obuseFree State Stadium, eBloemfontein, ngoLwesibili. IBafana ishaye igoli ngomzuzu wokuqala, kanti lize no-Iqraam Rayners.

Kube yiphutha emuva uRayners wathi ngibonwa yini, walibeka enethini. Akuphelanga nesikhathi esingakanani wabuya uChirewa washaya elokulinganisa ngomzuzu wesibili.

IWarriors ayitholanga amathuba amaningi okushaya amagoli ngemuva kwalokho. Nokho uChirewa ucisho walibeka phakathi ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.

Ngesiwombe sesibili bese kugiya iBafana ngemuva kokuthi kungene uThapelo Morena, oshaye amagoli amabili. Lo mdlali weSundowns uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

Ngemuva komdlalo umqeqeshi weZimbabwe, uJairos Tapera, uzwakalise ukungenami ngeqembu lakhe.

“Ngidumele ngendlela esidlale ngayo. Senze iphutha ngesiwombe sokuqala, sadedela igoli zisuka,” kusho lo mqeqeshi.

“Nangesiwombe sesibili siqhubekile nokwenza amaphutha. Kube yiphutha elifanayo egolini lesibili kanjalo nelesithathu. Kodwa ibhola linjalo.

“Sinabo abadlali abasebancane esizobafaka eqenjini. Konke kuzohlangana ekugcineni.”

UChirewa ubukeka enekusasa elihle kakhulu. Uzalelwe e-England kodwa wakhetha ukudlalela iZimbabwe lapho kuzalwa khona umama wakhe. Bese kungokwesibili edlalela iWarriors njengoba edlale okokuqala bebhekene neLesotho.

IWarriors iye kulo mdlalo ivele iphuma esibhaxwini sika 2-0 esithole kwiLesotho ngoLwesihlanu olwedlule. Ayikanqobi nowodwa umdlalo kwemine eyidlalile yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.