EzakamuvaIbhola

Ulwela ukubuya kwiPSL, aqeqeshe neChiefs u-Allan Freese

Alfred Ngubane

U-Allan Freese usephumele obala ngephupho lakhe lokuqeqesha iKaizer Chiefs ngelinye ilanga. 

Lo mqeqeshi wazakhela udumo kwiPlatinum Stars ngenkathi enqoba iMTN8 neTelekom Knockout Cup ngesizini eyodwa. 

Nokho kusukela lapho izinto azimhambelanga kahle nengoba kumanje eseqeqesha esigabeni sama-amesha i-ABC Motsepe League eGauteng. 

Kodwa noma kunjalo akalilahlile ithemba ngokuthi ngelinye ilanga uyozibona esesebenza eNaturena, okuyikomkhulu leChiefs.

“Ngikhule ngingumlandeli omkhulu weKaizer Chiefs,” kusho u-Allan Freese egxoxweni yakhe neMpempe kuleli viki. 

“Ngakho ke ngiyacabanga ukuthi kuyinto yemvelo ukuthi ngibe nesifiso sokusebenza kuyo ngenxa yothando lwayo.

“Kumanje ngiqeqesha iHighlands Spark edlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng.

“Kunzima kakhulu ukuqeqesha kulesi sigaba ngoba sinenkohlakalo eningi. 

“Kodwa ngaphambilini ngike ngasebenza kuyona iHighlands sagcina sinqobile ngenxa yokuzimisela.”

Kuzokhumbuleka ukuthi nguye u-Allan Freese owayisusa kulesi sigaba waze wayiyofaka kwiDStv Premiership iHighlands Park. 

Nokho igcine isisidayisa isitifiketi sayo kulesi sigaba kanti sathengwa uTim Sukazi, wanyusa iTS Galaxy yakhe njengoba namanje isadlala kwiPremiership nje.  

“Ngesizini edlule asenzanga kahle. Kodwa ngicabanga ukuthi kule sizini ezoqala sizokwenza kahle ngoba sizimisele ukubuyela kwiDstv Premiership. 

“Kuba nzima uma iqembu lingakutholanga  ukukhuphukela kwiMotsepe Foundation  Championship ngoba abadlali abanohlonzo bayahamba bayozama amadlelo aluhlaza. 

“Kube sekumele wena uqale phansi ufune abadlali. Amaqembu amaningi akhala isililo ngabadlali abathengwe amaqembu… 

“Amanye abathola mahhala ngoba ayikho nendlela eqondile yokuthengisa abadlali kulesi sigaba kwazise abanazo izimenenja. 

FUNDA NALA: UBroos ubona uLebo Mothiba eyisinongo angenaso kwiBafana

“Uma inkontileka seyiphelile engahamba aye lapho ethanda khona,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eMtshezi.