EzakamuvaIBetway Premiership

OwePirates uzogubha usuku lokuzalwa ngamagoli angu-50

SIHLE NGUBO

Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, uzojabulela usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesithathu (Okthoba 1) esanda kuzifaka kubadlali asebeshaye amagoli amaningi nabalulekile kuleli qembu.

UMabasa ushaye igoli lakhe lika-50 egqoke imibala yeBucs ngesikhathi ithela othulini iTS Galaxy ngo 2-0, emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Ngokunqoba lo mdlalo iPirates inyukele endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership, ngaphambi komdlalo weKaizer Chiefs naMaZulu ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlali usengomunye wabambalwa ukushaya amagoli angu-50 kwiPirates kanti unethuba elihle lokwephula irekhodi.

Umdlali ozihola phambili ngokushaya amagoli kwiPirates uBenedict “Tso” Vilakazi, oshiye kweZimnyama esehlohle amagoli angu-58.

UMabasa ufike kwiPirates evela kwiBloemfontein Celtic ngo-2019.

Useke wabolekiswa kwiSekhukhune United neMoroka Swallows kodwa wabuya ukuzolwela indawo yakhe kweZimnyama.

Umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, umtuse kakhulu uMabasa ngendlela enza ngayo njengomdlali.

“Okokuqala nje ngiyamjabulela kakhulu, ngiyajabula ukuthi uMabasa ushaye igoli, kukhombisa ukukwazi ukubambisana nalo lonke iqembu kulo mdlali,” kusho u-Ouaddou odabuka eMorocco.

“Ekuqaleni kwesizini ubengadlali kodwa uyabona ukuthi uzinikele ngokuphelele uma siziqeqesha.

“Uziphethe ngendlela yomdlali odlala ibhola elikhokhelayo, ngaso sonke isikhathi weluleka ozakwabo.

“Uyasondela kubona futhi unenhliziyo emsulwa. Uma ngingajula kancane, ngingakutshela ukuthi ngesinye isikhathi ngangifuna angene adlale, wathi angifake uMasindi (Nemtajela).

UNemtajela ube nomdlalo omuhle beshaya iRockets waze waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

“Wayefuna kungene uzakwabo adlale esikhundleni sakhe,” kuqhuba lo mqeqeshi.

“Ngijabule kakhulu ngomoya okhona eqenjini kuwo wonke umuntu ”

UMabasa angase athole ithuba lokwandisa amagoli akhe uma iPirates seyitholana phezulu neSiwelele FC emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout Cup, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.