AmankomaneEzakamuva

UNomvelo ubuye ngegiya eliphezulu ngezimpi eziholwa ekaDlomo 

Alfred Ngubane

Uyakuphinda lokho uNomvelo Magcaba Shezi ongumhleli wezimpi oseqophelweni eliphezulu njengoba eqhatha izimpi zezinga lomhlaba eMgungundlovu. 

Kulokhu le ntokazi esencane iqhathe uPrince Dlomo wakhona eMgumgundlovu kodwa ochithe isikhathi esiningi eGauteng. 

Kulezi zimpi zikaNomvelo Magcaba Shezi, uDlomo uzobe elwa okokuqala phambi kwabalandeli basekhaya nomndeni wakubo.

Uzovikela isicoco sakhe sakuleli esigabeni seJunior Welterweight kuMarcus Lebogo waseGauteng.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNomvelo usanda kuqhatha uMoruti “Babyface” Mthalane khona ehholo lomphakathi lasedolobheni uMgungundlovu. 

Naye uMthalane kwakungokokuqala elwa bukhoma phambi kwabalandeli bangakubo nomndeni wakhe futhi kuyimpi yakhe yokugcina. 

“Inhloso enkulu ukunikeza amabhokisa alapha eMgungundlovu ithuba lokulwela ekhaya, phambi kwemindeni yawo,” kusho uNomvelo. 

“Leli thuba liphinde ligqugquzele abashayisibhakela abasakhula abafuna ukuba ngompetha bakusasa ukubona ukuthi kuyenzeka ngampela. 

“Amabhokisa amaningi agcina esebebalekela eGauteng phambilini ukuyofuna amadlelo aluhlaza ngenxa yokushoda kwezimpi lapha KwaZulu Natal.” 

UNomvelo uthi yikho lokhu okubenza bazinikele ekutheni bajike leso simo, banciphisele abashayisibhakela izindleko zokuyoqala impilo kwamanye amadolobha.  

“Manje sisebenza kanzima ukubuyisa isibhakela KwaZulu Natal njengoba ubona siqhatha amabhokisa amaningi akhona la ekhaya.” 

Yize eqhatha amabhokisa asekhaya, uthi lokho akulehlisi izinga lesibhakela esisuke sishoviwa ngosuku lwezimpi. 

“Umuntu ozohambela lezimpi ngeke nakancane azisole njengoba isibhakela sizoba siqhwiza  umentshisi,” kusho le ntokazi.

FUNDA NALA: Ukushenxiswa kukaMoriri kucacisa amandla kaRulani Mokwena kwiDowns

Lezi zimpi zizokuba ngoJulayi 28  ehholo lomphakathi eMgungundlovu kanti zizoqala ngo-6 ntambama futhi zizosakazwa bukhoma kuSABC  2.

Amathikuthi alezi zimpi atholakala eTicket Pro etholakal eSpar, emagaraji akwaShell nawakwaSasol.