iDStv Premiership

Uyisebenzele iBay uBarns ovalelise ngegoli

SIHLE NGUBO

USanele Barns ungomunye wabadlali okumele babongwe kakhulu yiRichards Bay ngokuyigwemisa ukuyodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.

Lo mdlali ukhombise ukuzinikela eqenjini laseMhlathuze yize ebesesayine inkontileka neStellenbosch FC. Abanye abadlali bakuthola kunzima ukuqhubeka nomgqigqo ofanayo uma sebazi ukuthi vele bazoshiya eqenjini.

Nokho uBarns, ozobe ezinze eKapa kwiStellies ngesizini ezayo, wenze isiqiniseko sokuthi ushiya iNatal Rich Boyz inethezekile kwiDStv Premiership, eyisiza inqoba imidlalo yokuhlunga.

Lo mdlali ushaye igoli lesibili ngesikhathi iBay ibhaxabula iBaroka FC ngo 4-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesithathu.

Lokhu kube yindlela enhle yokuvalelisa futhi uBarns ubongile eqenjini ngokumphatha kahle.”Kubuhlungu. Ngithanda ukubonga wonke umuntu ofikile ukuzongeseka namuhla. Njengoba benazike ukuthi namuhla bengidansa okokugcina, sengizodansa okunye,” kusho lo mdlali.

“Ngithanda ukubonga ukungeseka selokhu ngafika lapha kuze kube yinamuhla. Nginithanda nonke. Akusikho ukuvalelisa lokhu kodwa sizobonana kungekudala. Ngiyabonga.”