iDStv Premiership

Ukujoyina iChiefs kungenza u-Andile Jali abalwe nedlanzana

SIHLE NGUBO

Uma kungenzeka u-Andile Jali agcine ezithola esemabhukwini eKaizer Chiefs, angazifaka ohlini lwezinkakha esezidlalele zontathu izinkunzi zaseSoweto.

Njengamanje uJali akanalo iqembu kulandela ukushiya iMoroka Swallows ebinezinkinga eziningi ngesizini edlule. Lo mdlali kuthiwa uke wasikaza ukuyeka ibhola kodwa ikhona nemibiko engaqinisekisiwe ebimumatanisa neChiefs.

UJali ugqame kakhulu edlalela i-Orlando Pirates ngaphambi kokuya phesheya ngo-2014. Ngemuva kwalokho ubuye wajoyina iMamelodi Sundowns, asuke kuyona waya kwiSwallows.

I-Pirates, yiChiefs neSwallows, yizinkunzi zaseSoweto ezihlonishwayo ebholeni laseNingizimu Afrika. Bakhona abadlali asebeke badlalela la maqembu womathathu futhi bayahlonishwa ngalokho.

Kulelo dlanzana labadlali singabala uMarc Bachelor, ongasekho, owayeyingxenye yePirates ngesikhathi inqoba iCaf Champions League ngo-1995. Lo mdlali, owayaziwa ngokungqofa ngekhanda, uyidlalele iChiefs neSwallows, kanti uke wadlala nakwiSundowns, iDynamos ne-Wits University.

Omunye umdlali owaguduze womathathu aseSoweto uThabang “Banda” Lebese, naye ongasekho. Ugqame kwiChiefs, wasuka waya kwiRia Stars. Yilapho ke elandwe khona yiPirates, wagcina ephelele kwiSwallows.

UCollins “Ntofontofo” Mbesuma, waseZambia, ufike kuleli wazakhela igama kwiChiefs ngokushaya amagoli. Naye uke wadlala kwiPirates neSwallows, kanti nakwiLamontville Golden Arrows uke wayibamba.

USiyabonga “Bhele” Nomvete ulandwe yiChiefs kwi-African Wanderers wafike wavutha bhe eNaturena. Ngesikhathi ebuya phesheya okwesikhashana ujoyine iPirates. Ubuyelile phesheya wahlala, kwathi uma esebuyela eMzansi wajoyina iZinyoni zaseDube. Ugcine ephelele kuMaZulu FC.

Kuyaziwa kodwa ukuthi iChiefs ilinde ukwethula umqeqeshi omusha ngaphambi kokuthi ithathe izinqumo ngabadlali abahambayo nabazofika.