iDStv Premiership

Umdlali engozini yokushiya kwiSundowns engakaze ayidlalele

SIHLE NGUBO

Kunomdlali weMamelodi Sundowns osebe semabhukwini ayo iminyaka eyisithupha, kodwa akakaze asithi mbibi isikimu kuyona.

Lo mdlali uGadinkame Modise obeboleliswe kwiChippa United. Ukubadlali abangu-18 abadedelwe yiChilli Boyz njengoba ilungiselela isizini entsha yeDStv Premiership.

UModise akakaze ayidlalele iSundowns selokhu asayina eqenjini elikhulu esuka kwinkulisa yayo ngo-2018. Useke wabolekiswa kwiJDR Stars, yiMaritzburg United, yiM Tigers, yi-All Stars FC neChilli Boys, embuyisela lapho yayimboleke khona.

Njengamanje uModise uneminyaka engu-25 kanti udlala emuva kwesokunxele. Lo mdlali, oseke wadlalela iqembu lesizwe lika-Under 17 nelika-Under 20, akubukeki eyoke aligqoke ijezi leMamelodi Sundowns.

Kwesokunxele kuBafana Ba’Style kubusa abadlali abafana no-Aubrey Modiba noDivine Lunga, ngakho ayikho nhlobo indawo.

Uma egcina engadlalanga kwiSundowns uMudau, kuyobe akuqali ngaye. Kubadlali asebeke baba semabhukwini eSundowns kodwa bangayidlalela, kugqama uKwanda Mngonyama, osedlalele amaqembu amaningi ePremiership.

Ngesikhathi esemabhukwini eSundowns uMngonyama ubefana nomdlali weMaritzburg United njengoba ehlale kuyona amasizini amathathu ebolekisiwe. Ngaphambi kwalokho wayebolekiswe kwiBidvest Wits.

Lo mdlali, oke wayibamba kwi-Orlando Pirates (ayidlalele kayisithupha), usemabhukwini eMoroka Swallows okuvela ukuthi ithengwa yiMarumo Gallants. Nokho emlandweni wakhe ngeke asho ukuthi kunomdlalo awudlala egqoke imibala yeSundowns, ngoba awukho.