INjampela ithembisa ukubuya ‘nethambo’ ilithi qithi eKZN
PHILI HLONGWANE
Uthembisa ukuthi bazolilwela baze balithole ‘ithambo’ abalifunayo uTicko Mkhize, oyimenenja yeNjampela, njengoba iqembu lidlala imidlalo yokuhlunga kazwelonke ye-ABC Motsepe League, e-Upington, eNorthern Cape.
INjampela, emele iKwaZulu-Natal kule midlalo yokuhlunga, izobhekana neHighbury yase-Easten Cape, emdlalweni owandulela owamanqamu ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama.
Lo mdlalo ubaluleke kakhulu kuleli qembu laseKZN, kanti noMkhize ukwazi kahle.
“Njengoba siya kulo wanamuhla (ngoLwesihlanu) akuzoba lula, iHighbury akulona iqembu elilula,” kusho uMkhize.
“Nabo bangompetha kwesabo isifundazwe, ngakho silindele umdlalo ozoba nzima. Kodwa abadlali bami ngomumo, wonke umuntu uzimisele ukuthi kumele senze isiqiniseko sokuthi siyawuwina umdlalo ukuze sikwazi ukuya kwelinye izinga ebholeni.
“Siyethembisa ukuthi sizozama ngakho konke esinakho ukuthi siwunqobe umdlalo. Yize kungeke kube lula kodwa sizofaka wonke umdlandla ukuze siphume siyitholile iwini.
“Siyabonga kakhulu ngokuseseka kwenu, okuqhamuka yonke indawo. Kusho lukhulu kithina.”Amaqembu amabili azodlala kowamanqamu ngeSonto yiwona azokhuphukela kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. Njengamanje okusele kwiNjampela ukuthi imince okokugcina inqobe umdlalo owandulela owamanqamu.
Nakanjani kuzoba yinto enhle esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuthi iqembu elisuka khona linyukele kwiNational First Division (NFD). Lokhu kuzokwenza abe makhulu amathuba okuthi kube khona iqembu lakulesi sifundazwe elinyukela kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini ezayo.