EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

AmaZulu ahlela ukumbopha owahlambalazile, yena uthi azikhale

by Alfred Ngubane

UPhumlani Dube uzisusele ulaka ngesikhathi ekhipha izindaba ezingamahlazo ezihlambalaza AmaZulu FC. 

Le nsizwa eyake yaba ngumsakazi, ibize umhlangano ophuthumayo nabezindaba kuleli viki la ikhininde ethi bezenzeka kuleli qembu. 

Nokho okuhlalulek kakhulu kulo mhlangano wukuthi utshwala nokumonelana yikho okucindezela AmaZulu. 

UDube uthe ukhipha okusenhliziyweni yakhe ngoba sekukhona abazama ukumsoconga njengoba ethola imilayezo enokumsabisa. 

AmaZulu axosha uDube obekade engumxhumanisi wawo nomphakathi ngoNovemba nyakenye. 

Lokhu kwenzeka ngemuva kwezinsolo zokuthi wabamba owesifazane abasebenza naye ngamawashingi wadedela nenduku. 

Lesi sehlakalo kuthiwa senzeka eFNB Stadium ngesikhathi AmaZulu edlala kwiCariling Cup. 

UDube ucacise nangaso lesi sigameko, wakuphika ukuthi yena wamshaya lo wesifazane okusale kancane amqagule ngegama. 

“Lento yenzeka phambi kwamaphoyisa nonogada basenkundleni. Lo wesifazane wayekade ebudlonya usuku lonke. 

“Wabe esebikela isikhulu esiphezulu, esabe sesingifonela singisola ngokushaya lo wesifazane,” kuchaza uDube.

Uthe yize engalenzanga icala futhi kwavela lokho, wagcina exoshiwe kanti kumanje udaba lokuxohswa lusezandleni zeCCMA. 

AmaZulu azama ukwakha isithunzi sawo

Impempe seyithole ukuthi AmaZulu asezinhlelweni zokuxoxa nabammeli ngenhloso yokubopha uDube ngokuwahlaza. 

“Hhayi yena uzisusele iziqandu impela. Bekumele ngabe ululungise ngenye indlela lolu daba uma kukhona abamphazamisayo empilweni yakhe. 

“Manje uyaveza ukuthi umuntu yedwa lo omlandelayo, kodwa usefaka neqembu futhi uyalihlaza nje,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa. 

“Bazama ukwakha igama lawo futhi yingakho naye axoshwa ngenxa yezinsolo zokushaya ngoba zingcolisa lona igama leqembu.

FUNDA NALA: UTruter wexwayisa uManqoba Mngqithi ngokuya kuMaZulu

“Ukube lezo zindaba zaphuma kwabezindaba, kwatholakala ukuthi iqembu alizange lizisukumele, kwakuzoba kubi kakhulu.” 

Imthinta Impempe uDube, uthe yena uzobona ngawo AmaZulu esemthumelela amasamanisi kodwa yena umile kwakushilo.