AbePirates bashaye bavuthulula bemuka nemiklomelo yePSL
SIHLE NGUBO
Kugiye abe-Orlando Pirates emcimbini wePremier Soccer League (PSL), wokuklomelisa abenze kahle ngesizini edlule, obungeSonto ubusuku.
Lo mcimbi ubunesidozozo nje ngoba ubukhonjiswa kwithelevishini kodwa kuyinto eqoshiwe futhi bekungekho ukuthi ubusendaweni ethile kubungazwa abanqobile ngendlela ejwayelekile.
I-Pirates iphume nemiklomelo eyisishiyagalombili kulo mcimbi. Iyona eshanelile kwiNedbank Cup nakwiMTN8, okuyizindebe ezinqobile ngesizini edlule.
Umdlali owole imiklomelo eminingi kwiBucs uPatrick Maswanganyi, othole iNedbank Player of the Tournament, yiDStv Premiership Midfielder of the Season, nePlayers’ Player of the Season.
Umdlali osemncane uRelebohile Mofokeng uthole imiklomelo emibili, iNedbank Promising Player of the Season neDStv Young Player of the Season. Lo mdlali, oneminyaka engu-19, bekulindelekile kuyena lokhu uma kubhekwa indlela adlale ngayo ngesizini edlule.
IMamelodi Sundowns yona iphume nemiklomelo emihlanu kulo mcimbi. Unozinti uRonwen Williams, ukhale wemuka nomklomelo omkhulu kunayo yonke, iPSL Footballer of the Season neDStv Goalkeeper of the Season.
Umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena, uthole umklomelo iDStv Premiership Coach of the Season njengoba bekulindelekile. Omunye umklomelo woweSundowns uye kuGrant Kekana obe yiDStv Defender of the Season.
Sebebonke abathole imiklomelo yePSL bami kanje: Last man Standing – Sipho Chaine (Pirates)
Chairman’s Award – Mamelodi Sundowns
Nedbank Most Promising Player of the Season – Relebohile Mofokeng (Pirates)
Nedbank Player of the tournament – Patrick Maswanganyi (Pirates)
Sikhumbuzo Gasa – Referee of the Season
DStv Premiership Goalkeeper of the Season – Ronwen Williams (Sundowns)
DStv Premiership Defender of the Season – Grant Kekana (Sundowns)
DStv Premiership Midfielder of the Season – Patrick Maswanganyi (Pirates)
DStv Premiership Young Player of the Season – Relebohile Mofokeng (Pirates)
DStv Premiership Goal of the season – Thabiso Lebitso (Pirates)
DStv Premiership Top goal scorer of the Season – Tshegofatso Mabasa (Pirates)
DStv Premiership Coach of the season – Rulani Mokwena (Sundowns)
DStv Premiership Player’s Player of the season – Patrick Maswanganyi (Pirates)
PSL Footballer of the Season – Ronwen Williams (Sundowns)