UStan Mathews uphalaza iqiniso ‘ngokudayiselwa’ uDzvukamanja
Njabulo Shezi
Isikhulu esiphezulu kwiSuperSport United, uStan Matthews, sidalule ukuthi bamangala ngesikhathi becelwa yimenenja kaTerrence Dzvukamanja ukuthi basayine lo mdlali.
UStan Mathews uthi lokhu uMike Makaab ukwenze ngesikhathi uDzvukamanja esesemabhukwini e-Orlando Pirates.
UDzvukamanja, oneminyaka engu-29 ujoyine iSuperSport lapho ahlangane khona nomqeqetshi uGavin Hunt owamletha kuleli esacija iBidvest Wits ngo-2018 esuka kwiNgezi Platinum.
Ngaphambi kokuhamba kwakhe, iPirates yaveza ukuthi uDzvukamanja wayicela ukuthi adedelwe enkontilekeni yakhe.
Wakhala ngokuthi unezinkinga anazo ekhaya kubo eZimbabwe ezimphoqa ukuthi abe seduze nomdeni.
Kodwa lezi zinkunzi zaseSoweto zabe sezimangala sezithola isicelo seSuperSport, ithi ifuna ukudayisela lo mgadli.
“Ngabuzwa yimenenja yakhe ukuthi ngabe ngingathanda yini ukusayina uTerrence,” kusho uStan Matthews kwaabezindaba ngoLwesibili.
Ubekhuluma ngemuva kokumemezela ukusebenzisana kwaleli qembu neTshwane University of Technology ukubumba iqembu labesifazane.
“Ngakuveza ukuthi ngingalijabulela lelo thuba ngabe sengibalula ukuthi kungakanani esingakwazi ukukubeka etafuleni.
“IPirates yakuchitha lokho, yabeka ekufunayo sakwamukela ngoba ngumdlali ophambili lona.”
UStan Mathews uthi yize babengakaze bacabanbe ngokumsayina, kodwa ukuvela kwethuba lalokho kwaba kuhle ngoba vele nomqeqeshi wabo uyamazi lo mdlali.
“Besingakulindele, kodwa ukumsayina yinto enkulu kithi futhi uGavin uyamazi futhi uyamthanda. Udlale kahle kakhulu ngomzuliswano wesibili wesizini edlule.
“Sizamile ukumsayina ngoJanuwari kodwa iPirates yasiphusha kwathi ngemuva kokuthi eseyenzele konke abengayenzela khona angikholwanga ukuthi sinalo ithuba lokumthola.”
UMatthews uphinde waveza ukuthi bazamile ukumgcina uZakhele Lepasa abebembolekwe yiyo iPirates ngesizini edlule kodwa batshelwa ukuthi ngeke bamthole.
“Ngabonga kakhulu ngokuthi basiboleke yena izinyanga eziyisithupha, wafika nokusha futhi wasishayela amagoli ambalwa.”
Khonamanjalo, isivumelwano sokusebenzisana neTUT, sizokwenza ukuthi iSuperSport ikwazi ukuhambisana nemithetho yeCaf.
Le nhlangano inomthetho wokuthi iqembu elizodlala emiqhudelwaneni yalo libe neqembu lamantombazane.
FUNDA NALA: IKaizer Chiefs neKappa babuyelene: Nawa amajezi azobuyisa isithunzi
ISuperSport, ezodlala kwiCaf Confederation Cup, izophinde isebenzise inkundla yale nyuvesi emidlalweni yayo yasekhaya ngesizini ezayo.