I-PSL ayivele iwuyeke umcimbi wayo wemiklomelo ngoba uyayehlula
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) ihlale ishaya into ecokeme njalo uma kukhona ekwenzayo, futhi baningi abangangivumela kulokho.
Kuyaziwa ukuthi le nhlangano yebhola iphucuzekile futhi lokho kufakazelwa abaxhasi abazimbandakanya nayo. Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi bonke abaxhasi abayingxenye yePSL beneme ngendlela eyenza ngayo izinto, nokuyikona okwenza kungahlale kunexhala lokuthi bangaxebuka noma yinini.
Okunye okuhle okwenziwa yiPSL njengamanje ukungalokhu ibhala icisha ngamacala asuke ekhona athinta amaqembu ayo. Selokhu kubuye umshushisi wePSL, uZola Majavu, ihlandla lesibili, konke kuqondile mayelana namacala.
Ayisekho le nto yakudala yokuthi amacala alinde kuze kube ngasekupheleni kwesizini, nokuyinto ebigcina iqhatha amaqembu. Kulokho nje iPSL kumele ishayelwe elikhulu ihlombe.
Alikho nokho ihlombe okungacelwa ukuthi lishaywe mayelana nokubhacaza okukhonjiswe yiPSL ngesikhathi izama ukwenza umcimbi wokuklomelisa abenze kahle ngesizini edlule, ngeSonto ebusuku. Lapha, ngokwami, le nhlangano ishaye udaka kwagqibeka konke lokhu okuhle engikubale ngenhla.
Umcimbi lapho abadlali nabaqeqeshi abenze kahle isizini yonke beklonyeliswa khona, awenziwa kanjeya. Phinde nje, yinto engekho le esiyibukiswe yiPSL ngeSonto ebusuku. Empeleni nje ukube ave ngizifela ngonobhutshuzwayo, bengizoyishiya phakathi leya mbudane ngiyobuka opopayi nabantwana bami.
Uma kuklonyeliswa abenze kahle kuba nomcimbi osezingeni eliphezulu, endaweni ehloniphekile. Abawuhambelayo badla ingqephu, bese kuba nomculo omnandi nezibiliboco.
Uma konke kuvela kwithelevishini kumele siheheke sibuka sikude, sisho sithi waze wamuhle umcimbi. Nabangaphandle kwaseNingizimu Afrika kumele bababaze basho bathi iPSL iphezulu ngempela, kubonakala nangomcimbi wayo wokuphetha isizini.
Kuphi khona? I-PSL ivele yathi nje ayiyingeni yona indaba yokwenza umcimbi ohloniphekile. Kuvele kwaqoshwa nje sase sivezelwa ukuthi yilaba abawinile, kwaphela kanjalo sasala sibambe ongezansi.
Hleze le nhlangano beyonga imali ngalokhu kodwa hhayi nokho kube umasigcozi osezingeni eliphezulu kakhulu – bekungathi kuyenziwa nje ukuze kudlulelwe kokunye okubalulekile.
Mhlawumbe bekuzoba ngcono ukube iPSL ivele ‘yasibhalela incwadi encane’. Ivele nje ibhale abawinile igaxe kwi-email ithumele kithina abezindaba, bese siwazisa umphakathi njengoba sihlale senza.
Ayivele ikhohlwe iPSL yilo mcimbi uma seyikhathele ukuwenza. Ithumele, sibhale, kuphele ngalo itswayi lakhona. Ayikho phela le nto ebesibukiswa yona ngeSonto ebusuku. Kwayona nje iPSL kumele izenyeze ngala manqampunqampu esibukise wona ithi umcimbi wayo. Shwiii!