‘UNwabali ungcono kunoChaine’, kusho owayedlala kwiBucs
Owayengunozinti we-Orlando Pirates, uThabang Stemmer, ubona uSipho Chaine weBucs engaphansi kuStanley Nwabali weChippa United.
Lo nozinti waseNigeria useke wamataniswa neZimnyana njengoba amaqembu ezama ukulungiselela isizini entsha yeDStv Premiership. Nokho abanye abayizwa indaba kaNwabali, baze bathi uyefana noRichard Ofori osanda kuhlukana naleli qembu.
UStemmer, owayevimbela iPirates phakathi kuka-2000 no-2005, uthe leli qembu kungakuhle limthole uNwabali.
“Isizathu esenze ukuthi iPirates idedele onozinti ababili, ngicabanga ukuthi yingoba bafuna ukuqinisa iqembu ngoStanley Nwabali,” kusho uStemmer.
“Uma ufuna ukunqoba izindebe udinga abadlali abasezingeni eliphezulu. Buka nje iMamelodi Sundowns, bangakhi onozinti abanabo? I-Pirates iyalivala igebe kwiSundowns, ngiyaziqhenya ngokuba umlandeli wayo
UNwabali uzakhele igama kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngoJanuwari nonyaka. Uvimbe kahle kakhulu esiza iNigeria ukuthi ifinyelele kowamanqamu, lapho ishaywe khona yi-Ivory Coast, ebingosokhaya.
“UNwabali uzofika namava omhlaba. Ungunozinti wokuqina weqembu lesizwe laseNigeria. USipho Chaine muhle kodwa ngebhadi akayona ingxenye yeqembu lesizwe.
“Uyawadinga lawo mava ebhola lomhlaba, ikakhulukazi uma uzoba kwiChampions League. Udinga abadlali abasezingeni eliphezulu ukuthi babe kulelo zinga, ikakhulukazi ezintini.”
I-Pirates izoya eSpain ekuqaleni kukaJulayi ukuyolungiselela isizini entsha. Uma imfuna ngempela uNwabali kumele iqede konke naye ukuze abe yingxenye yamalungiselelo esizini ka-2024/2025.
Okuphawulekayo ukuthi uChaine naye usayine kwiPirates esuka kwiChilli Boys ngo-2022.