Ezakamuva

Obeyisikhulu seligi Eswatini usulile, ubheke kwiSundowns

SIHLE NGUBO

UKenneth Makhanya, obeyisikhulu esiphezulu kwiPremier League of Eswatini (PLE), usafake incwadi yokwesula kule nhlangano yebhola.

Kuvela ukuthi uMakhanya uthole umsebenzi ozomnika imali enhle eNingizimu Afrika, ngakho akazange angabaze ukwesula kwi-PLE.

“Ngifake incwadi yokuswela kwiPLE. Umsebenzi ebengingeke ngikwazi ukuwenqaba,” kusho uMakhanya esithangamini nabezindaba ngoLwesibili.

Kuyavela ukuthi uMakhanya uthole isikhundla esihle emndenini wakwaMotsepe owaziwayo ukuthi uyikha ngamafosholo imali. Akucaci ukuthi yisiphi isikhundla asitholile kodwa yena nakanjani uzoqoqa imigodla yakhe, afulathele Eswatini alibangise eNingizimu Afrika.

Kuzokhumbuleka ukuthi kungekudala iSundowns ilahlekelwe u-Alex “Golden Fingers” Shakoane, odlule emhlabeni. Akwaziwa noma uMakhanya uzovala lapho yini nomake kukhona isikhundla aphendlelwe sona eChloorkop.

NgoLwesihlanu (ngoJuni 28) uMakhanya kuzobe kungusuku lokugcina esebenza i-PLE.