Kusele kancane kumithe ijongosi kumaProteas
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika ilinde ozonqoba phakathi kwe-England ne-India ngemuva kokubhukluza i-Afghanistan ngamawikhethi ayisishiyagalolunye emdlalweni owandulela owamanqamu ngoLwesine ekuseni.
AmaProteas akwenze kwalula ukudlulela kowamanqamu okokuqala emlandweni, wayo emdlalweni lapho ekhiphe i-Afghanistan inama-run angu-56 kuphela. Kube ukushwiba kahle kukaTabraz Shamzi, othathe amawikhethi amathathu, kanti noMarco Jansen uthathe amathathu , okuweze amaProteas.
Okokuqala ngqa amaProteas efinyelela kowamanqamu ngemuva kokuzama izikhawu eziyisishiyagalombili. U-Aiden Markram unethuba lokuba ngukaputeni wokuqala ukunqoba iNdebe yoMhlaba neqembu lesizwe lakuleli. INingizimu Afrika iya kowamanqamu ingayazi nokuthi ikhala kanjani induku kule midlalo yeNdebe yoMhlaba yeT20 eseWest Indies nase-USA.
Ilinde ukuthi yiliphi izwe elizoyifica kowamanqamu phakathi kwe-England ne-India.I-India nayo ayikashaywa kule midlalo. I-England neNingizimu Afrika sebeke babhekana lapho kunqobe khona amaProteas.