Kuza umqeqeshi omusha kwi-Royal AM, kade yayimfuna
By Alfred Ngubane
Umengameli we-Royal AM uShuawn Mkhize usejike izinto eqenjini lakhe labesifazane njengoba efuna nalo lingene embanweni wesicoco kwiHollywoodbets Super League.
Ingxenye yalezi zinguquko kube wukukhnjwa indlela kukaDelisile Mbatha obengumqeqeshi weRoyal AM Ladies edlala.
Kuvela ukuthi uMaMkhize usenyonyobela uPortia Modise owayengukaputeni weBanyana Banyana nonerekhodi lamagoli amaningi kuleli qembu lesizwe.
UMaMkhize noPortia Modise bahlangane kwiSports Summit ngeviki ebise-ICC eThekwini ngeviki elidlule.
“Bahlangane khona wamtshela ukuthi kudala emfuna ukuba azoqeqesha i-Royal AM Ladies,” kusho obekhona nozizwele lezi zintokazi zixoxa.
“UMaMkhize uthe ubengakhoni ukuthola uPortia ocingweni lwakhe. Kumanje kukhona izingxoxo eziqubekayo phakathi kwabo,” kuqhuba lo mthombo.
Cishe leli kuzoba yithuba uPortia akade alilindela njengoba ehlezi ekhala ngokuthi izinkakha zeBanyana Banyana azinakwa.
Kuzothatha amehlo ke ukubona ukuthi uwenza kanjani lo msebenzi uma begcina bevumelene noMaMkhize ukuthi nguye ozocija i-Royal AM Ladies.
UMaMkhize udume ngokuholela kahle yize kuke kwanezinkulumo zokuthi kukhona abadlali angabakhokhilile izimali zabo zokusayina.
Omunye walabo nguRicardo Nascmento osegcine ekhonjwe indlela kwi-Royal AM nokusolwa ukuthi kungoba alusukumela elokukhokhelwa.
Kuthiwa lesi senzo sikaNascimento samnenga usihlalo weqembu u-Andile Mpisane wavele wakhetha ukumxosha.
Akukacaci ke nokho ukuthi ubesemkhokhelile yini okungokwakhe ngaphambi kokumkhomba indlela.
UMaMkhize usanda kuveza ohlelweni lukaRobert Marawa ukuthi isizathu esenze u-Andile axoshe uNascimento wukuthi usekhulile.
Wathi bafuna ukuvulela abadlali abasebancane bakuleli indawo eqenjini ngakho laba asebekhulile bazodedelwa.
Kumanje leli qembu lisahamba icala enkantolo yomhlaba yezemidlalo la liboshwe khona nguSamir Nurkovic owaxoshwa engakaze adlale nowodwa umdlalo.
“Ngalapho ke ngeke ngikukhohlise, baningi abazohamba uma sekuvaliwe ngoba kukhona ukungaphatheki kahle okukhona.
FUNDA NALA: Iyakuphinda lokho iChippa, uSeema ukhonjwa indlela
“Bona banothando lwebhola kodwa bayahluleka ngempela ukuphatha iqembu elinabadlali abakhokhelwayo nabasezingeni eliphezulu.
“Mhlawumbe basuke babe nezifiso eziphambili kunezinga la iqembu likhona yingakho begcina sebenza namaphutha nje,” kusho omunye wabadlali abake basebenza kuleli qembu.