iDStv Premiership

URulani uphawula ngo-R200 million ‘okuthengwe’ ngawo abeDowns

Uyaphika ukuthi iMamelodi Sundowns yasebenzisa u-R200 million ithenga abadlali, umqeqeshi wayo uRulani Mokwena.

Lo mqeqeshi uthe labo abehlulela iSundowns ngokuthi isebenzisa malini abayiboni into okuyiyona. Usho lokhu ngesikhathi ephendula labo abagxekayo abathi iqembu alikuzuzanga okufanele, ikakhulukazi ngesizini esanda kusongwa.

Kunabalandeli beSundowns abangeneme ngokuthi iqembu lihlulekile ukunqoba enye indebe eNingizimu Afrika ngaphandle kweDStv Premiership. Okubakhalisa kakhulu ukuthi bashaywe yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 noweNedbank Cup.

“Sikwiligi engazivezi izinombolo. Ngizwa ozakwethu bethi iSundowns isebenzise imali engaka, baze babe nesiqiniseko,” kusho uMokwena ekhuluma kwiPowerFM.

“Ngingumqeqeshi weqembu kodwa angazi kwamina ukuthi iqembu lisebenzise malini. Kodwa kukhona abaqeqeshi abacabanga ukuthi bayazi yimalini iqembu eliyisebenzisile, yikho ngithi kumele sikhulume ngento ephathekayo.

“Ngeke ungitshele ukuthi sisebenzise imali engaphezulu kweyePirates ngoba asikho isiqiniseko esinaso ukuze sikhulume ngalokho.”

Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, uyena owathi iSundowns isebenzise u-R200 million ukuthenga abadlali. Laba bobabili bahlale bengcofana esidlangalaleni sengathi yizingane, uRamovic aze abize uMokwena ngoSunshine.

“Ucabanga ukuthi iBayer Leverkusen isebenzise imali esondelayo kwesetshenziswe yiBayern Munich? Kodwa iBayern Munich ayiwinanga lutho,” kubuza uMokwena.

“Angikuvumi nhlobo lokho ngoba ngiyazi ukuthi yimali engakanani efakwayo futhi yilokho abantu abaningi abehlulekayo ukukuqonda.”