UKhune ‘usengungqongqoshe’ ongenasikhundla kwiChiefs
SIHLE NGUBO
U-Itumeleng Khune akasenayo inkontileka neKaizer Chiefs njengoba kunguJulayi 1, nokuchaza ukuthi usenemvume yokuzitholela iqembu alithandayo.
Inkontileka yalo nozinti iphele ngoJuni 30 kanti akucaci noma iChiefs izoyivuselela yini. UKhune ubenenkontileka yonyaka naleli qembu laseNaturena njengoba manje seyiphelile.
KwiChiefs kulindelwe umqeqeshi omusha uNasreddin Nabi okungesinye sezizathu esenza ukuthi zingathathwa izinqumo ngabadlali abafikayo nalabo abangase bavuselele izinkontileka njengoKhune.
Lo nozinti, oneminyaka engu-37, kubhekwe ukuthi athole umsebenzi kwiChiefs uma kungukuthi usewagaxa emgibeni amagilavu akhe. Nokho kuzoba nzima lokho ngoba uNabi uza nethimba lakhe labaqeqeshi okukhona kulo nomqeqeshi wonozinti.
Akubonakali kodwa uKhune ezoshiya iChiefs ngoba ifana nekhaya lakhe. Kubo bonke abadlali abakhona kwiChiefs uKhune uyena osehlale kakhulu kunabo bonke. Ngabe uzohlala noma uzogcina ezitholele iqembu elisha? Konke kuzocaca maduze uma sekufike nomqeqeshi omusha.